Dlulela kokuphakathi

ISikhumbuzo Sokufa KukaJesu

NgoMgqibelo, Ephreli 12, 2025

Kanye ngonyaka, oFakazi BakaJehova bakhumbula ukufa kukaJesu njengoba abayala ukuba benze kanjalo lapho ethi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—Luka 22:19.

Siyakumema ukuba ube khona.

Imibuzo Evame Ukubuzwa

Uzothatha isikhathi esingakanani lo mhlangano?

Uzothatha isikhathi esingangehora.

Uzoba kuphi?

Thintana noFakazi BakaJehova ukuze bakutshele ukuthi uzoba kuphi endaweni yangakini.

Ingabe kungenwa ngemali?

Cha.

lzothathwa yini inkongozelo?

Cha.

Kugqokwa kanjani?

Nakuba ingekho indlela ethile okufanele kugqokwe ngayo kulo mhlangano, oFakazi BakaJehova bazama ukulandela iseluleko seBhayibheli esithi masigqoke ngendlela ebonisa isizotha nenhlonipho. (1 Thimothewu 2:9) Akudingeki ugqoke izingubo ezibizayo noma eziwubukhazikhazi.

Kuzokwenziwani eSikhumbuzweni?

Lo mhlangano uqalwa futhi uphethwe ngokucula ingoma bese isikhonzi esinguFakazi KaJehova siyathandaza. Inkulumo esekelwe eBhayibhelini yeSikhumbuzo izoxoxa ngokuthi kubaluleke ngani ukufa kukaJesu nokuthi singazuza kanjani kulokho uNkulunkulu noKristu abasenzele kona.

Sizoba nini iSikhumbuzo esilandelayo?

2025: NgoMgqibelo, Ephreli 12

2026: NgoLwesine, Ephreli 2