Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Efesu 3:20—“[UNkulunkulu Unamandla] Okwenza Okukhulu Kakhulu Kunakho Konke Esikucelayo Nesikuqondayo”

Efesu 3:20—“[UNkulunkulu Unamandla] Okwenza Okukhulu Kakhulu Kunakho Konke Esikucelayo Nesikuqondayo”

 “Manje kulowo ongenza okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangayo, ngokwamandla akhe asebenza kithi, makube yinkazimulo.”—Efesu 3:20, 21, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi‚ makube-kuye udumo.”—Efesu 3:20, 21, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yabase-Efesu 3:20

 Umphostoli uPawulu uveza indlela aqiniseka ngayo ukuthi uNkulunkulu uyakwazi ukuphendula imithandazo yezikhonzi zaKhe futhi anelise nezifiso zazo ngezindlela ezingacabangi ukuthi kungenzeka ngazo. Indlela aphendula ngayo ingase ikwedlule kude lokho ezikulindele noma ezikufisayo.

 “Manje kulowo ongenza . . . ngokwamandla akhe asebenza kithi.” Ivesi 21 libonisa ukuthi igama elithi “kulowo” libhekisela kuJehova uNkulunkulu. a Kuleli vesi, uPawulu uthi: “Makube yinkazimulo ngebandla nangoKristu Jesu.” (Johane 20:31) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu angasinika amandla esiwadingayo ukuze senze intando yakhe.—Filipi 4:13.

 Evesini 20, umphostoli uPawulu ukhuluma ngendlela ekhethekile uJehova akwazi ukusiza ngayo izikhonzi zaKhe. Ibhekisela emazwini athi “kulowo ongenza,” enye inguqulo ithi: “Indlela yokusiza okukhulunywa ngayo lapha ayibhekiseli nje emizamweni engatheni yokusiza kodwa ibhekisela ekubeni namandla okufeza okuthile.” Ngokungafani nomngani onesifiso sokusiza kodwa engakwazi ukwenza kanjalo, uJehova yena uhlale ekulungele ukwenza noma yini edingekayo ukuze anakekele izikhonzi zakhe futhi aphendule nemithandazo yazo. Nguye kuphela onamandla negunya okungenamkhawulo.—Isaya 40:26.

 “[UNkulunkulu angenza] okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangayo.” UJehova angazenzela izinto eziningi izikhonzi zakhe noma “okungaphezu kakhulu” kwazo zonke izinto. Angazisiza ngokuningi kakhulu kunalokho ezicabanga ukuthi kufanele zikuthole.

 Inkulumo ethi “okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangayo” igcizelela okunye ngaleli vesi. Ngokusho amazwi athi “okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangayo,” umphostoli uPawulu wayefuna wonke amaKristu aqonde ukuthi uNkulunkulu wayengawasiza ngokuningi kakhulu kunalokho ayekulindele. IBhayibheli i-New International Version iyibeka ngale ndlela ingxenye yokuqala yevesi 20: “Manje kulowo onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo noma esikucabangayo.” Ngezinye izikhathi, amaKristu angacabanga ukuthi izinkinga zawo zinkulu kakhulu noma kunzima kakhulu ukuzixazulula. Mhlawumbe awasazi nokuthi athandazele ini. Kodwa uJehova uyaziqonda izimo zawo futhi uhlale ekulungele ukuwasiza. Ngesikhathi sakhe esifanele, angaxazulula noma iyiphi inkinga—ayixazulule ngendlela amaKristu abengacabangi ukuthi angayixazulula ngayo. (Jobe 42:2; Jeremiya 32:17) Okwamanje, uwanika amandla okukhuthazela—akhuthazele ngenjabulo!—Jakobe 1:2, 3.

Umongo weyabase-Efesu 3:20

 INcwadi yabase-Efesu uPawulu wayibhalela amaKristu ahlala e-Efesu, e-Asia Minor, ingxenye yeTurkey yanamuhla. Kule ncwadi yakhe, uPawulu wabhala lokho ayekusho emthandazweni awenzela lawo maKristu. (Efesu 3:14-21) Wathandazela ukuba lawo maKristu—empeleni wonke amaKristu—afunde ngothando lukaJesu Kristu, alingise nendlela yakhe yokucabanga neyokwenza. UPawulu waphetha umthandazo wakhe ngokudumisa uNkulunkulu nangokusho amazwi atholakala kweyabase-Efesu 3:20, 21.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yabase-Efesu.

a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Funda isihloko esithi “Ungubani UJehova?