Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Marku 1:15​—“UMbuso KaNkulunkulu Ususondele”

Marku 1:15​—“UMbuso KaNkulunkulu Ususondele”

 “Isikhathi esimisiwe sesigcwalisekile, uMbuso kaNkulunkulu ususondele. Phendukani nibe nokholo ezindabeni ezinhle.”—Marku 1:15, INguqulo Yezwe Elisha.

 “Isikhathi sigcwalisekile, noMbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani nikholwe yivangeli.”—Marku 1:15, English Standard Version.

Incazelo KaMarku 1:15

 UJesu Kristu wathi uMbuso kaNkulunkulu a “ususondele” ngoba yena, njengoba ayezoba iNkosi yalowo Mbuso, wayekanye nabo.

 UJesu wayengasho ukuthi uMbuso wawusuqalile ukubusa. Empeleni, kamuva wachazela abafundi bakhe ukuthi uMbuso wawuseza. (IzEnzo 1:6, 7) Nokho, yena wayefike ngesikhathi. Wayefike ngawo kanye unyaka iBhayibheli elalibikezele ukuthi wayezovela ngawo njengeNkosi eyayizobusa esikhathini esizayo. b Ngenxa yaleso sizathu, yingakho uJesu ayengathi: “Isikhathi esimisiwe sesigcwalisekile”​—isikhathi sokuba aqale inkonzo yakhe yokushumayela obala ivangeli noma izindaba ezinhle zoMbuso.—Luka 4:16-21, 43.

 Ukuze abantu bazuze ezindabeni ezinhle ezimayelana noMbuso kwakudingeka baphenduke, okusho ukuthi bazisole ngezono ababezenzile bese bephila ngemithetho kaNkulunkulu. Labo abaphenduka babonisa ukuthi babenokholo ezindabeni ezinhle zalowo Mbuso owawuseza.

Umongo KaMarku 1:15

 UJesu washo la mazwi ekuqaleni kwenkonzo yakhe eGalile. Indaba ethi ayifane ekuMathewu 4:17 ithi: “Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke,” uJesu washumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. UMbuso wawuyisihloko uJesu ayeshumayela ngaso. Empeleni kukhulunywa ngoMbuso izikhathi ezingaphezu kuka-100 emaVangelini c amane. Ezikhathini eziningi nguJesu osuke ekhuluma ngawo. EBhayibhelini uJesu wakhuluma kakhulu ngoMbuso kaNkulunkulu kunanganoma yini enye.

Funda uMarku isahluko 1 kanye nemibhalo yaphansi ubheke izikhombo, izithombe kanye nebalazwe.

a UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni osezulwini omiswe nguyena ukuze afeze intando yakhe emhlabeni. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10) Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

b UJesu wayezoba inkosi ukuze agcwalise enye yezindima zakhe ezazibikezelwe zokuba uMesiya, ummeleli okhethekile kaNkulunkulu. Ukuze uthole okwengeziwe ngeziprofetho zeBhayibheli ezibonisa ukuthi uJesu unguMesiya, bheka isihloko esithi “Ingabe Iziprofetho Ezabikezelwa NgoMesiya Zifakazela Ukuthi UJesu WayenguMesiya?”

c AmaVangeli yizincwadi ezine zokuqala emiBhalweni YamaKristu YesiGreki evame ukubizwa ngokuthi iTestamente Elisha. Lezi zincwadi zilandisa ngokuphila nenkonzo kaJesu.