Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Roma 10:13​—“Biza Igama LeNkosi”

Roma 10:13​—“Biza Igama LeNkosi”

 “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—Roma 10:13, INguqulo Yezwe Elisha.

 “Noma ubani obiza igama leNkosi uyosindiswa.”—Roma 10:13, King James Version.

Incazelo Yencwadi YabaseRoma 10:13

 UNkulunkulu akakhethi kodwa unika bonke abantu ithuba lokuba basindiswe bathole ukuphila okuphakade, kungakhathaliseki ubuzwe babo, uhlanga noma ukuthi babaluleke kangakanani emphakathini. Nokho, ukuze silithole lelo thuba, kumelwe sibize igama likaJehova, okuyigama likaNkulunkulu uMninimandla Onke. aIHubo 83:18.

 EBhayibhelini, inkulumo ethi “biza igama likaJehova” isho okungaphezu nje kokwazi igama likaNkulunkulu nokulisebenzisa lapho umkhonza. (IHubo 116:12-14) Isho nokuthembela kuNkulunkulu nokucela usizo kuye.—IHubo 20:7; 99:6.

 Igama likaNkulunkulu lalibalulekile kuJesu Kristu. Amazwi akhe okuqala emthandazweni wakhe oyisibonelo ayethi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) UJesu wabonisa nokuthi ukuze sithole ukuphila okuphakade kumelwe simazi, simlalele futhi simthande uMnikazi walelo gama.—Johane 17:3, 6, 26.

 Kungani singaphetha ngokuthi uJehova ‘uyiNkosi’ okukhulunywa ngayo kweyabaseRoma 10:13 kuyi-King James Version? Kungenxa yokuthi leli vesi licaphuna uJoweli 2:32, okuvela kuwo igama likaNkulunkulu embhalweni wesiHebheru wokuqala, hhayi isiqu esithi “Nkosi.” b

Umongo WeyabaseRoma 10:13

 KweyabaseRoma isahluko 10, iBhayibheli libonisa ukuthi ukuba komuntu nobuhlobo obuhle noNkulunkulu kuxhomeke okholweni lwakhe kuJesu Kristu. (Roma 10:9) Lokhu kusekelwa amavesi amaningana asengxenyeni yeBhayibheli eyaziwa ngokuthi iTestamente Elidala. Umuntu ubonisa ukholo ‘ngokuluvuma obala,’ okuhlanganisa ukumemezela izindaba ezinhle zensindiso kwabangakholwa. Lokho kunikeza nabanye ithuba lokwakha ukholo oluholela ekuphileni.—Roma 10:10, 14, 15, 17.

Funda eyabaseRoma isahluko 10 kanye nemibhalo yaphansi ubheke nezikhombo.

a Igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emibhalweni yesandla yeBhayibheli yasendulo. NgesiHebheru, igama likaNkulunkulu livela liyizinhlamvu ezine ezaziwa ngokuthi iTetragrammaton. NgesiZulu leli gama livame ukubizwa ngokuthi “Jehova”; nokho, ezinye izifundiswa zikhetha ukulibiza ngokuthi “Yahweh.”

b Cishe ababhali beBhayibheli abangamaKristu basebenzisa igama likaNkulunkulu lapho becaphuna amavesi “eTestamente Elidala” ayenalelo gama. I-The Anchor Bible Dictionary ithi: “Kunobufakazi bokuthi iTetragrammaton, okuyiGama LikaNkulunkulu elithi Yahweh, yayivela emavesini athile noma kuwo wonke [eTestamente Elisha] ayecaphuna [iTestamente Elidala] ngesikhathi izincwadi zeTestamente Elisha zibhalwa okokuqala.” (Umqulu 6, ikhasi 392) Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Igama LikaNkulunkulu EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki” engxenyeni ethi iSithasiselo A5 eBhayibhelini elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.