Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Roma 6:23—“Inkokhelo Yesono Ingukufa‚ Kepha Isipho Somusa SikaNkulunkulu Singukuphila Okuphakade”

Roma 6:23—“Inkokhelo Yesono Ingukufa‚ Kepha Isipho Somusa SikaNkulunkulu Singukuphila Okuphakade”

 “Inkokhelo yesono ukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23, IBhayibheliImiBhalo Engcwele.

 “Inkokhelo yesono ingukufa‚ kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23, New International Version.

Incazelo yamaRoma 6:23

 Ngala mazwi, umphostoli uPawulu usitshela ukuthi abantu bafa ngenxa yesono. Noma kunjalo, uNkulunkulu unesithembiso esimangalisayo asenze kubantu abathembekile abamkhonzayo—isipho sokuphila kuze kube phakade.

 “Inkokhelo yesono ukufa.” Bonke abantu bazalwe benesono, ngakho bawela kalula esonweni. a (IHubo 51:5; UmShumayeli 7:20) Ngenxa yokuthi bazalwe benesono, abantu bayaguga futhi bafe.—Roma 5:12.

 Ukuze afanekise lokhu, uPawulu ufanisa isono nenkosi ekhipha inkokhelo noma umholo. Njengoba nje isisebenzi silindela umholo ngomsebenzi esiwenzile, nabantu bangalindela ukufa ngenxa yokuthi banesono.

 UPawulu uphinde asitshele ukuthi umuntu “ofile ukhululiwe esonweni sakhe.” (Roma 6:7) Lapho umuntu efa, uyakhululwa kunoma isiphi isono asenza. Yingakho singenaso isizathu sokuphetha ngokuthi abafile bayaqhubeka behlupheka ndawana thizeni ngenxa yamaphutha abawenza. Eqinisweni, iBhayibheli likubeka kucace ukuthi abantu abafile abakwazi ukucabanga, ayikho into abakwazi ukuyenza futhi abezwa.—UmShumayeli 9:5.

 “Isipho uNkulunkulu asinikezayo ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu.” Ngokungafani ‘nenkokhelo’ ekhishwa isono, uNkulunkulu ukhipha isipho esiwukuphila okuphakade. Emibhalweni yokuqala, igama elihunyushwe ngokuthi “isipho” lingaphinde lihunyushwe ngokuthi “isipho esingasifanele” noma “isipho sozwela.” Libhekisela entweni oyithola ungayisebenzelanga. Ayikho into umuntu onesono angayenza ukuze afanelwe umvuzo oyinsindiso nokuphila okuphakade. (IHubo 49:7, 8) Noma kunjalo, ngothando uNkulunkulu ubapha isipho esiyigugu esiwukuphila okuphakade bonke ababonisa ukholo kuJesu.—Johane 3:16; Roma 5:15, 18.

Umongo wamaRoma 6:23

 Le ncwadi, uPawulu wayibhalela amaKristu aseRoma cishe ngo-56 C.E. Kubukeka sengathi amanye amaKristu angaleso sikhathi ayenombono ongafanele ngesihe sikaNkulunkulu. Ifilosofi yamaGreki yawenza acabanga ukuthi lapho ona kakhulu yilapho azuza khona nakakhulu entethelelweni kaNkulunkulu. (Roma 6:1) Kungenzeka abanye babethi abanakujeziswa lapho benza amaphutha ngenxa yokuthi babengasekho ngaphansi koMthetho kaMose. (Roma 6:15) Encwadini yakhe, uPawulu ugcizelela ukuthi amaKristu ngeke akwazi ukuzuza esiheni sikaNkulunkulu uma evumela isono sibuse ukuphila kwawo.—Roma 6:12-14, 16.

 Amazwi kaPawulu aqinisekisa izikhonzi zikaNkulunkulu namuhla ngokuthi nakuba zazalwa zinesono, zisenalo ithemba. Uma zilalela imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha, zinganqotshwa izifiso zazo ezimbi, uNkulunkulu uthembisa ukuzinika ukuphila okuphakade.—Roma 6:22.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yamaRoma.

a EBhayibhelini igama elithi “isono” libhekisela kunoma yisiphi isenzo noma indlela yokucabanga engavumelani nemithetho kaNkulunkulu. (1 Johane 3:4) Funda isihloko esithi “Siyini Isono?