Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Liyakuvumela Ukudivosa?

Ingabe IBhayibheli Liyakuvumela Ukudivosa?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli liyakuvumela ukudivosa. Nokho, uJesu waveza isizathu esisodwa kuphela esamukelekayo sokudivosa lapho ethi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe [ubulili ngaphandle komshado], ashade nomunye, uyaphinga.”—Mathewu 19:9.

UNkulunkulu uyakuzonda ukudivosa ngezizathu zobuqili nenkohliso. Uzobenza balandise abantu abashiya abangane babo bomshado ngaphandle kwesizathu, ikakhulu uma benza kanjalo ngenjongo yokushada nomunye.—Malaki 2:13-16; Marku 10:9.