Dlulela kokuphakathi

Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?

Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?

Impendulo yeBhayibheli

 Cha. IBhayibheli alisitsheli ukuthi imali yimbi, futhi alisho ukuthi imali iyimbangela yazo zonke izinto ezimbi. Amazwi avamile athi “imali impande yakho konke okubi” ayingcaphuno yeBhayibheli engaphelele nedukisayo. Empeleni iBhayibheli lithi “ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi.” a1 Thimothewu 6:10, IBhayibheli Elingcwele.

 Lithini iBhayibheli ngemali?

 IBhayibheli liyavuma ukuthi imali, uma isetshenziswa kahle, ingaba usizo, ibe ngisho “nayisivikelo.” (UmShumayeli 7:12) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyabancoma abapha abanye izinto, okungase kuhlanganise nemali.—IzAga 11:25.

 Ngesikhathi esifanayo, iBhayibheli liyasixwayisa ngokwenza imali ibe yinto ehamba ephambili ekuphileni. Lithi: “Ekuphileni kwenu ningayithandi imali ngokweqile, naneliswe izinto ezikhona.” (Hebheru 13:5) Isifundo esisitholayo ukuthi kufanele sigcine imali isendaweni yayo futhi singagijimisi ingcebo. Kunalokho, kufanele sizimisele ukwaneliswa izinto esizidingayo ngempela, njengokudla, izingubo zokugqoka, nendawo yokuhlala.—1 Thimothewu 6:8.

 Kungani iBhayibheli lisixwayisa ngokuthanda imali?

 Abantu abahahayo ngeke bakuthole ukuphila okuphakade. (Efesu 5:5) Esinye isizathu salokho ukuthi ukuhaha kuwuhlobo oluthile lokukhonza izithombe noma ukukhulekela kwamanga. (Kolose 3:5) Esinye siwukuthi, lapho bezama ukuthola lokho abakufisayo, abantu abahahayo ababe besaba nandaba nokuziphatha ngendlela efanele. IzAga 28:20 zithi, “ojaha ukuceba ngeke ahlale emsulwa.” Abantu abanjalo bangaze ngisho balingeke ukuba benze ubugebengu, njengokufuna imvalamlomo, ukukhwabanisa, inkohlakalo, ukuthumba noma ukubulala.

 Ngisho noma uthando lwemali lungasiholeli ekuziphatheni okubi kanjalo, kungaba neminye imiphumela engemihle. IBhayibheli lithi “labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo.”—1 Thimothewu 6:9.

 Singazuza kanjani eselulekweni seBhayibheli ngemali?

 Uma singazibekeli eceleni izimiso zokuziphatha nobuhlobo bethu noNkulunkulu ngenxa yemali, siyozihlonipha sithole nomusa kaNkulunkulu nokusekelwa nguye. Kulabo abazama ngobuqotho ukumjabulisa, uNkulunkulu uyathembisa: “Angisoze ngakushiya futhi angisoze ngakulahla.” (Hebheru 13:5, 6) Uphinde asiqinisekise ukuthi “umuntu othembekile uyothola izibusiso eziningi.”—IzAga 28:20.

a Leli vesi liye labekwa nangale ndlela: “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinto ezilimazayo.”