Dlulela kokuphakathi

Umhlatshelo KaJesu ‘Uyisihlengo Sabaningi’ Ngayiphi Indlela?

Umhlatshelo KaJesu ‘Uyisihlengo Sabaningi’ Ngayiphi Indlela?

Impendulo yeBhayibheli

Umhlatshelo kaJesu uyindlela uNkulunkulu akhulula noma asindisa ngayo abantu esonweni nasekufeni. IBhayibheli libhekisela egazini likaJesu elachitheka ngokuthi inani lesihlengo. (Efesu 1:7; 1 Petru 1:​18, 19) Ngakho, uJesu wathi wayezele ‘ukuzonikela ukuphila kwakhe‚ kube-yisihlengo sabaningi.’​—Mathewu 20:28, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

Kungani kwadingeka “isihlengo sabaningi”?

Umuntu wokuqala, u-Adamu, wadalwa ephelele, noma engenaso isono. Wayenethuba lokuphila phakade kodwa lamlahlekela ngenxa yokuthi wakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu. (Genesise 3:​17-​19) Lapho eba nabantwana, wadlulisela kubo isono. (Roma 5:​12) Ngenxa yalesi sizathu, iBhayibheli libonisa ukuthi u-Adamu ‘wazithengisela’ ebugqilini besono nokufa, yena nabantwana bakhe. (Roma 7:​14) Ngenxa yokuthi babengaphelele, akekho kubo owayengakhokhela lokho u-Adamu akulahla.—IHubo 49:​7, 8.

UNkulunkulu wayihawukela inzalo ka-Adamu eyayingasenalo ithemba. (Johane 3:16) Nokho, ngenxa yobulungisa baKhe wayengeke amane angazinaki noma azithethelele izono zabo ngaphandle kwesisekelo esizwakalayo. (IHubo 89:14; Roma 3:23-26) UNkulunkulu uyabathanda abantu, ngakho walungiselela isisekelo esingokomthetho esasidingeka ukuze izono zabo zingagcini nje ngokuba zithethelelwe kodwa futhi zisulwe. (Roma 5:6-8) Isihlengo siyileso sisekelo esingokomthetho.

Sisebenza kanjani isihlengo?

EBhayibhelini, igama elithi “isihlengo” lihlanganisa lezi zinto ezintathu:

  1. Siyinkokhelo.Numeri 3:46, 47.

  2. Siyakhulula noma siyahlenga.​—Eksodusi 21:30.

  3. Siyinani elilingana nalokho okukhokhelwayo, noma elikusibekelayo. a

Cabangela indlela lokhu okusebenza ngayo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu.

  1. Inkokhelo. IBhayibheli lithi amaKristu “athengwa ngentengo.” (1 Korinte 6:20; 7:23) Leyo ntengo yigazi likaJesu, “athengela [ngalo] uNkulunkulu abantu kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.”—IsAmbulo 5:8, 9.

  2. Ukukhulula. Umhlatshelo kaJesu ‘ukhulula ngesihlengo’ esonweni.—1 Korinte 1:30; Kolose 1:14; Hebheru 9:15.

  3. Ukulingana. Umhlatshelo kaJesu ulingana ncamashi nalokho u-Adamu akulahla​—ukuphila komuntu ophelele. (1 Korinte 15:21, 22, 45, 46) IBhayibheli lithi: “Njengoba nje ngokungalaleli komuntu oyedwa [u-Adamu] abaningi baba yizoni, ngokufanayo futhi ngokulalela komuntu oyedwa [uJesu Kristu] abaningi bayoba ngabalungileyo.” (Roma 5:19) Lokhu kwenza kucace ukuthi kungani ukufa komuntu oyedwa kungaba isihlengo sezoni eziningi. Empeleni, umhlatshelo kaJesu ‘uyisihlengo esihambelanayo sabo bonke’ abathatha izinyathelo ezidingekayo ukuze bazuze kuwo.​—1 Thimothewu 2:5, 6.

a EBhayibhelini, amagama okuqala ahunyushwe ngokuthi “isihlengo” aveza umqondo wenani noma into ebalulekile ekhokhwayo. Ngokwesibonelo, isenzo sesiHebheru esithi ka·pharʹ ngokuyisisekelo sisho ukuthi “huqa” noma “sibekela.” (Genesise 6:14) Ngokuvamile sibhekisela ekusibekelweni kwesono. (IHubo 65:3) Ibizo elihlobene naso elithi koʹpher libhekisela enanini elikhokhelwa ukusibekela, noma ukuhlenga. (Eksodusi 21:30) Ngokufanayo, igama lesiGreki elithi lyʹtron elivame ukuhunyushwa ngokuthi “isihlengo,” lingahunyushwa nangokuthi “inani lesihlengo.” (Mathewu 20:28; The New Testament in Modern Speech, kaR. F. Weymouth) Abalobi besiGreki babesebenzisa leli gama ukuze babhekisele enanini elikhokhelwa ukukhulula isiboshwa sempi noma isigqila.