Dlulela kokuphakathi

INGABE KWADALWA?

Indlela Intuthwane Okuthiwa I-Carpenter Ehlanza Ngayo Izimpondo Zayo

Indlela Intuthwane Okuthiwa I-Carpenter Ehlanza Ngayo Izimpondo Zayo

Ukuze isinambuzane sikwazi ukundiza, ukuhamba nokubona indawo esizungezile, kubalulekile ukuba sihlanzeke. Ngokwesibonelo, uma izimpondo zentuthwane zingcolile, ayikwazi ukuhamba kahle, ukuxhumana nezinye izintuthwane kanye nokuzwa amaphunga. U-Alexander Hackmann ocwaninga ngezilwane uthi: “Awusoze wathola isinambuzane esingcolile. Zinendlela yokuzigcina zihlanzekile, ngisho noma indawo ezizungezile ingcolile.”

Cabanga ngalokhu: UHackmann nasebenza nabo bacwaninga indlela intuthwane okuthiwa i-carpenter (i-Camponotus rufifemur ) ehlanza ngayo izimpondo zayo. Bathola ukuthi le ntuthwane igoba umlenze wayo iwenze isiyingi, ifake uphondo ngalunye esiyingini bese iyaludonsa. Lesi siyingi sinamazenge asusa ukungcola okukhulu. Kuphinde kube namanye amazenge anezikhala ezincane. Uboya obusezimpondweni zentuthwane bungena kulezi zikhala, bese ukungcola kubambelela kuzo. Kukhona namanye amazenge amancane nakakhulu asusa ukungcola okuncane kakhulu kunonwele lomuntu.

Bona intuthwane i-carpenter ihlanza izimpondo zayo

UHackmann nasebenza nabo bakholelwa ukuthi izimboni zingayisebenzisa le ndlela yentuthwane yokuhlanza izimpondo zayo. Ngokwesibonelo, ingasetshenziswa ekuhlanzeni izinto ezincane kakhulu ezisebenza ngogesi okungafanele zingcole nakancane.

Ucabangani: Ingabe kwavele kwazenzakalela ukuba intuthwane ibe naleli khono lokuhlanza izimpondo zayo? Noma ingabe kunothile owayidala ngaleyo ndlela?