Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI

Ungayisiza Kanjani Ingane Yakho Yenze Kangcono Esikoleni?

Ungayisiza Kanjani Ingane Yakho Yenze Kangcono Esikoleni?

Ingane yakho ibonakala ingasithandi nhlobo isikole, ayitadishi futhi ayiwenzi umsebenzi wesikole. Ngenxa yalokho, amamaki ayo ayehla futhi ibonisa ukungabi nandaba. Ungayisiza kanjani ingane yakho yenze kangcono esikoleni?

 Okufanele ukwazi

Ukuyicindezela kungenza isimo sibe sibi nakakhulu. Ukucindezela ingane yakho kungayenza ingakhululeki nakakhulu esikoleni kanye nasekhaya. Ukuze inciphise leyo mizwa, ingase iqambe amanga, iwafihle amamaki ayo, izisayinele iripoti noma idoje esikoleni. Kungenza inkinga ibe yimbi nakakhulu.

Ukuyipha isipho lapho yenze kahle kungase kungayikhuthazi. Ubaba okuthiwa u-Andrew uthi: “Ukuze sikhuthaze indodakazi yethu, sasiyipha isipho lapho yenze kahle esikoleni. Kodwa lokho kwayenza yagxila kakhulu esiphweni. Lapho ingenzanga kahle esikoleni, into eyayiyiphatha kabi kwakuwukungasitholi isipho hhayi ukuthi ayenzanga kahle esikoleni.”

Ukugxeka othisha akukuhle. Ingane yakho ingase iphethe ngokuthi akudingeki ukuba isebenze kanzima ukuze yenze kahle ezifundweni zayo. Ingase ifunde ukubeka abanye icala ngamaphutha ayo, futhi ilindele ukuba izinkinga zayo zixazululwe abanye abantu. Kafushane nje, ingane yakho ingase ihluleke ukufunda into ebaluleke kakhulu nezoyidinga ekuphileni—ukubhekana nemiphumela yezenzo zayo.

 Ongakwenza

Zibambe lapho ucasukile. Gwema ukuxoxa nengane yakho ngemiphumela yayo yesikole lapho ucasukile. Ubaba okuthiwa uBrett, uthi: “Mina nomkami sifunde ukuthi kuba nemiphumela emihle kakhulu uma sixoxa nengane ngesikhathi singathukuthele futhi sizama ukuqonda isimo sayo.”

Okushiwo iBhayibheli: ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma, wephuze ukuthukuthela.’​—Jakobe 1:19.

Thola imbangela yenkinga. Ukwehla kwamamaki engane ngokuvamile kubangelwa ukuhlushwa iziqhwaga esikoleni, ukushintsha isikole, ukwesaba izivivinyo zesikole, izinkinga zasekhaya, ukungalali kahle, ukungabi nohlelo olukahle noma ukungakwazi ukugxilisa ingqondo entweni eyenzayo. Ungaphethi ngokuthi ingane yakho iyavilapha.

Okushiwo iBhayibheli: “Obonisa ukuqondisisa endabeni uyothola okuhle.”​—IzAga 16:20.

Yenza kube lula ngengane yakho ukwenza umsebenzi wesikole. Yenza uhlelo lwemisebenzi yesikole nokutadisha. Yiba nendawo ekahle nengenaziphazamiso (ezinjengethelevishini nefoni) ingane yakho engenzela kuyo umsebenzi wesikole. Hlukanisa umsebenzi wesikole ube izingxenye ezimfushane okuzoba lula ngengane yakho ukugxilisa ingqondo kuzo. UHector waseGermany ongubaba, uthi: “Uma kuzoba nezivivinyo esikoleni, silungiselela ingxenye encane usuku ngalunye esikhundleni sokulinda kuze kube seduze ukubhala.”

Okushiwo iBhayibheli: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.”​—UmShumayeli 3:1.

Yibonise izinzuzo zokukhuthalela umsebenzi wesikole. Uma ingane yakho iqonda ukuthi njengamanje kuyisiza ngani ukuya esikoleni, izoba nesizathu sokuzimisela. Ngokwesibonelo, isifundo sezibalo singayisiza ikwazi ukusebenzisa kahle imali ephiwa yona ekhaya.

Okushiwo iBhayibheli: “Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda. . . . Kwazise kakhulu.”​—IzAga 4:5, 8.

Icebiso: Yisize ingane yakho lapho yenza umsebenzi wesikole, kodwa ungayenzeli wona. U-Andrew uyavuma, “Indodakazi yethu yayilindela ukuba thina siyinikeze izimpendulo lapho yenza umsebenzi wayo wesikole, bese yona ingenzi lutho.” Fundisa ingane yakho ukuzenzela umsebenzi wayo wesikole.