Dlulela kokuphakathi

Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-70 INqabayokulinda itholakala ngesiZulu

FEBHUWARI 1, 2024
ESOUTH AFRICA

Sekuyiminyaka Engu-75 Imemezela UMbuso KaJehova NgesiZulu

Sekuyiminyaka Engu-75 Imemezela UMbuso KaJehova NgesiZulu

NgoJanuwari 2024 kuhlangane iminyaka engu-75 INqabayokulinda ihunyushelwa olimini lwesiZulu. Kusukela ngo-1949, INqabayokulinda yesiZulu yayinyatheliswa egatsheni laseNingizimu Afrika ngomshini wesandla. Ekugcineni igatsha lathola umshini ongcono wokunyathelisa, okwenza kwanyatheliswa omagazini abaningi abasezingeni eliphezulu.

Ngawo-1980, umhumushi wayesebenzisa umshini ukuze ahumushele izincwadi zeBhayibheli esiZulwini

Okwaba nzima kakhulu ekuqaleni kwaba ukuthola indawo ekahle yokuhlala abahumushi besiZulu. Imithetho yobandlululo eNingizimu Afrika yayingabavumeli abantu abaNsundu nabamhlophe ukuba bahlale ndawonye esakhiweni esisodwa. Abahumushi besiZulu baphoqeleka ukuba bahlale ezakhiweni ezingaphandle kwaseBethel. Lokhu kwakwenza ukuba bachithe isikhathi eside besendleleni, kwakuba nezindleko ezengeziwe nobunye nje ubunzima ababehlangabezana nabo. Ngokwesibonelo, abahumushi besiZulu abangu-20 bake bahlala egunjini elilodwa ehostela. UMfoweth’ u-Alfred Phatswana wayephakathi kwalabo abakhuthazelela lezi zimo ezinzima iminyaka emibili kusukela ngo-1981. Namuhla useyilungu leKomiti Yegatsha YaseNingizimu Afrika, futhi nakhu akukhumbulayo: “Indlela okwakuphilwa ngayo ehostela yayingemnandi. Noma kunjalo, kwakusijabulisa ukuba nendawo yokuhlala eyayisivumela ukuba senze umsebenzi wokuhumusha. Ngaphezu kwalokho, ukwenza konke esasingakwenza ukuze sigcine indawo esihlala kuyo ihlanzekile, kwakuvame ukuvula amathuba amahle okufakaza.”

Kuyajabulisa ukuthi abafowethu nodadewethu eNingizimu Afrika sebeyakwazi ukuhlala nokusebenza ndawonye ehhovisi labahumushi elihle eThekwini. Sikhuluma nje abamemezeli abangaphezu kuka-28 000 emabandleni esiZulu angu-584 bayaqhubeka bezuza ngokuthola INqabayokulinda nezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngolimi lwabo.

Isithombe esiphezulu: Ihhovisi labahumushi (RTO) eThekwini, eNingizimu Afrika. Isithombe esingezansi: Abazalwane nodade abaningana abakhonza eRTO. Kwesokudla: Umzalwane nodade bashumayela izindaba ezinhle nge-Nqabayokulinda yesiZulu

Kuyasithokozisa ukubona uJehova eqhubeka ebusisa umsebenzi walabo abahumusha INqabayokulinda nezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini bazihumushele esiZulwini ukuze abantu abengeziwe ‘bathathe amanzi okuphila mahhala.’—IsAmbulo 22:17.