Dlulela kokuphakathi

IIngabe OFakazi BakaJehova Bayawenqabela Amabhayisikobho, Izincwadi Noma Izingoma Ezithile?

IIngabe OFakazi BakaJehova Bayawenqabela Amabhayisikobho, Izincwadi Noma Izingoma Ezithile?

 Cha. Inhlangano yethu ayiwahloli amabhayisikobho, izincwadi noma izingoma ezithile ukuze inqume ukuthi yikuphi okufanele amalungu ayo akugweme. Ngani?

  IBhayibheli likhuthaza umuntu ngamunye ukuba aqeqeshe ‘amandla akhe okuqonda’ ukuze akwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile.—Hebheru 5:14.

  ImiBhalo inezimiso eziyisisekelo umKristu angase azisebenzise lapho ekhetha ezokuzijabulisa. a Njengakuzo zonke izici zokuphila, umgomo wethu ‘uwukuqhubeka siqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’—Efesu 5:10.

  IBhayibheli lifundisa ukuthi izinhloko zemikhaya zinesilinganiso esithile segunya, ngakho zingakhetha ukukwenqabela ukuzijabulisa okuthile emikhayeni yazo. (1 Korinte 11:3; Efesu 6:1-4) Kodwa ngaphandle komkhaya, akekho onegunya lokwenqabela amabhayisikobho, izingoma noma abaculi abathile njengabangakufanelekeli ukubukelwa nokulalelwa amalungu ebandla.—Galathiya 6:5.

a Ngokwesibonelo, iBhayibheli lilahla noma yini ekhuthaza ukusebenzelana nemimoya, ukuziphatha okubi ngokobulili noma ubudlova.—Duteronomi 18:10-13; Efesu 5:3; Kolose 3:8.