Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bengazigubhi Izinsuku Zokuzalwa?

Kungani OFakazi BakaJehova Bengazigubhi Izinsuku Zokuzalwa?

 OFakazi BakaJehova abazigubhi izinsuku zokuzalwa ngoba bakholelwa ukuthi imikhosi enjalo ayimjabulisi uNkulunkulu. Nakuba iBhayibheli lingakwenqabeli ngokuqondile ukugubha izinsuku zokuzalwa, liyasisiza sicabange ngezici eziyinhloko zale mikhosi futhi siqonde indlela uNkulunkulu ayibheka ngayo. Cabanga ngezici ezine zale mikhosi nalokho okushiwo iBhayibheli ngokuphathelene nazo.

  1.   Imikhosi yezinsuku zokuzalwa inomsuka wobuqaba. I-Funk & Wagnalls Standard Dictionary of Folklore, Mythology, and Legend, ithi le mikhosi isuselwa enkolelweni yokuthi ngosuku lokuzalwa komuntu, “imimoya emibi ithola ithuba lokuhlasela lowo muntu osuke egubha usuku lokuzalwa” nokuthi “ukuba khona kwabangane nokumfisela kwabo okuhle kuba yisivikelo kuye.” Incwadi ethi The Lore of Birthdays ithi ngezikhathi zasendulo, incwadi enohlu lwezinsuku zokuzalwa kwabantu “yayibalulekile ekubikezeleni ikusasa labantu ngokubhula ngezinkanyezi,” lokhu kwakususelwa “kuyisayensi yokufundwa kwezinkanyezi.” Le ncwadi iphinde ithi, “abantu banenkolelo yokuthi amakhandlela akhanyiswa ngosuku lokuzalwa, asuke enomlingo okhethekile oletha izibusiso.”

     Nokho, iBhayibheli, liyakulahla ukwenza imilingo, ukubhula, ukusebenzelana nemimoya nokwenza noma yini ‘enjengalokhu.’ (Duteronomi 18:14; Galathiya 5:19-21) Eqinisweni, esinye sezizathu esabangela ukuba uNkulunkulu alahle umuzi waseBhabhiloni lasendulo, sasiwukuthi abantu ababehlala kuwo babefunda izinkanyezi, okuwuhlobo oluthile lokubhula. (Isaya 47:11-15) OFakazi BakaJehova abahlali becubungula imisuka yawo wonke amasiko, noma kunjalo lapho imiBhalo inikeza iziqondiso ezicacile ngokuphathelene nala masiko, abazishayi indiva.

  2.   AmaKristu okuqala ayengazigubhi izinsuku zokuzalwa. I-The World Book Encyclopedia ithi “ayebheka ukugubha usuku lokuzalwa njengomkhuba wobuqaba.” IBhayibheli libonisa ukuthi abaphostoli kanye nabanye abafundiswa uJesu ngokuqondile, babeka isibonelo okufanele wonke amaKristu asilandele.​—2 Thesalonika 3:6.

  3.   AmaKristu ayalwa ukuba akhumbule ukufa kukaJesu—hhayi ukuzalwa kwakhe. (Luka 22:17-​20) Lokhu akufanele kusimangaze ngoba iBhayibheli lithi ‘usuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa komuntu.’ (UmShumayeli 7:1) Lapho ukuphila kwakhe kwasemhlabeni kuphela, uJesu wayesezenzele igama elihle noNkulunkulu, wenza usuku lwakhe lokufa lwaba olubaluleke kakhulu ukudlula usuku lwakhe lokuzalwa.​—Hebheru 1:4.

  4.   IBhayibheli alikhulumi ngenceku kaNkulunkulu eyagubha usuku lwayo lokuzalwa. Akukhona ukuthi lezo zenzakalo zasala ngephutha, ngoba iBhayibheli liyakhuluma ngabantu ababili ababengamkhulekeli uNkulunkulu abagubha izinsuku zabo zokuzalwa. Nokho, zombili lezo zenzakalo zaba nemiphumela emibi.​—Genesise 40:20-​22; Marku 6:​21-​29.

Ingabe izingane zoFakazi zizizwa zincishwa okuthile ngenxa yokungazigubhi izinsuku zokuzalwa?

 Njengabo bonke abazali abanothando, oFakazi bazibonisa uthando izingane zabo, lokho kuhlanganisa ukuzithengela izipho nokuba nemibuthano ejabulisayo. Bazama ukulandela isibonelo esiphelele sikaNkulunkulu, onikeza izingane zakhe izinto ezinhle nganoma yisiphi isikhathi. (Mathewu 7:​11) Izingane zoFakazi azizizwa zincishwe okuthile, nakhu ezikushoyo:

  •   “Kumnandi kakhulu ukuthola isipho lapho ungasilindele.”​—UTammy, oneminyaka engu-12.

  •   “Nakuba ngingazitholi izipho ngosuku lwami lokuzalwa, abazali bami bayangithengela ngesinye isikhathi esihlukile. Ngiyakuthanda lokho ngoba kwenzeka ngingakulindele.”​—Gregory, oneminyaka engu-11.

  •   “Ucabanga ukuthi imizuzu eyishumi, amakhekhe ambalwa nengoma kwenza umcimbi omnandi? Kufanele uze ekhaya uzobona ukuthi umcimbi wangempela wenziwa kanjani!”​—Eric, oneminyaka eyisithupha.