Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Benqaba Ukumpontshelwa Igazi?

Kungani OFakazi BakaJehova Benqaba Ukumpontshelwa Igazi?

Imibono evamile eyiphutha

 Amanga: OFakazi BakaJehova abakholelwa ekwelashweni odokotela.

 Iqiniso: Thina nemikhaya yethu sizifunela ukwelashwa okungcono kakhulu. Lapho sinezinkinga zempilo siya kodokotela abakwazi ukwelapha nokuhlinza ngaphandle kwegazi. Siyayazisa intuthuko eyenziwe kwezokwelapha. Eqinisweni, izindlela zokwelapha ngaphandle kwegazi eziklanyelwe ukusiza iziguli ezingoFakazi manje sezisetshenziselwa ukusiza bonke abantu. Emazweni amaningi, noma ngabe isiphi isiguli singazikhethela ukugwema izingozi zokumpontshelwa igazi, njengezifo ezithwalwa igazi, ukuhlaseleka kwamasosha omzimba namaphutha enziwa odokotela.

 Amanga: OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi ukholo lungamelapha umuntu.

 Iqiniso: Aselashwa ngokholo.

 Amanga: Ukwelashwa ngaphandle kwegazi kubiza kakhulu.

 Iqiniso: Ukwelashwa ngaphandle kwegazi kushibhile. a

 Amanga: OFakazi abaningi, kuhlanganise nezingane, bafa minyaka yonke ngenxa yokwenqaba ukumpontshelwa igazi.

 Iqiniso: La mazwi awalona neze iqiniso. Odokotela abahlinzayo ngokuvamile benza ukuhlinza okuyinkimbinkimbi njengokuhlinzwa kwenhliziyo, ukuhlinzwa kwamathambo nokufakelwa kwezitho zomzimba ngaphandle kokumpontshelwa igazi. b Iziguli, kuhlanganise neziyizingane, ezingavumi ukumpontshelwa igazi zivame ukululama njengalezi ezimpontshelwa igazi noma kangcono kunazo. c Kunoma ikuphi, akekho ongagomela ngokuthi isiguli sizofa ngenxa yokwenqaba ukumpontshelwa igazi noma sizophila ngoba simpontshelwe igazi.

Kungani oFakazi BakaJehova benqaba ukumpontshelwa igazi?

 Asenqabi ngenxa yezizathu zempilo kodwa ngenxa yezinkolelo zethu. ITestamente Elidala Nelisha asiyala ngokucacile ukuba singalidli igazi. (Genesise 9:4; Levitikusi 17:10; Duteronomi 12:23; IzEnzo 15:28, 29) UNkulunkulu ubheka igazi njengelimelela ukuphila. (Levitikusi 17:14) Ngakho asenqabi ukumpontshelwa igazi ngoba silalela uNkulunkulu kuphela kodwa nangenxa yokuthi siyamhlonipha njengoMniki-kuphila.

Ukushintsha kwemibono

Ukuhlinza okuyinkimbinkimbi kungenziwa ngokuphumelelayo ngaphandle kokumpontshelwa igazi

 Odokotela babebheka izindlela zokwelapha ngaphandle kwegazi njengeziyingozi nezisongela ukuphila, kodwa lokhu kuye kwashintsha eminyakeni yamuva. Ngokwesibonelo, ngo-2004, isihloko esanyatheliswa encwadini yezokwelapha sathi “izindlela eziningi eziklanyelwe ukusiza iziguli ezingoFakazi sezizosetshenziswa kubo bonke abantu eminyakeni ezayo.” d Isihloko sencwadi ethi Heart, Lung and Circulation ngo-2010 sathi “‘ukuhlinza ngaphandle kokumpontshelwa igazi’ akufanele kusetshenziswe [koFakazi BakaJehova] kuphela kodwa kufanele kube indlela evamile yokwelapha.”

 Izinkulungwane zodokotela emhlabeni wonke manje zisebenzisa izindlela zokuvimbela ukopha kakhulu ukuze zenze ukuhlinza okuyinkimbinkimbi ngaphandle kokumpompela igazi. Izindlela zokwelapha ezinjalo zisetshenziswa ngisho nasemazweni asathuthuka nayiziguli eziningi ezingebona oFakazi BakaJehova.

a Bheka incwadi ethi Transfusion and Apheresis Science, uMqulu 33, No. 3, k. 349.

b Bheka incwadi ethi The Journal of Thoracic and Cardiovascular Surgery, uMqulu 134, No. 2, kk. 287-288; Texas Heart Institute Journal, uMqulu 38, No. 5, k. 563; Basics of Blood Management, k. 2; nethi Continuing Education in Anaesthesia, Critical Care & Pain, uMqulu 4, No. 2, k. 39.

c Bheka incwadi ethi The Journal of Thoracic and Cardiovascular Surgery, uMqulu 89, No. 6, k. 918; nethi Heart, Lung and Circulation, uMqulu 19, k. 658.

d Continuing Education in Anaesthesia, Critical Care & Pain, uMqulu 4, No. 2, ikhasi 39.