Dlulela kokuphakathi

“Ngenzela UJehova Lokho Engikwazi Ukukwenza”

“Ngenzela UJehova Lokho Engikwazi Ukukwenza”

U-Irma, waseGermany, uneminyaka ecela ku-90. Ngemva kokwehlelwa izingozi kabili, nokuhlinzwa izikhathi eziningana ngemva kwalokho, akasakwazi ukushumayela endlini ngendlu njengoba ayenza ngaphambili. Manje useshumayela ngokubhalela izihlobo nabangane izincwadi. Izincwadi zika-Irma ziye zaduduza futhi zakhuthaza abaningi, kangangokuthi abanye baze bamfonele bambuze ukuthi bazozithola nini ezinye izincwadi. Abanye bayamphendula ngokumbhalela bembonga ngezincwadi zakhe futhi bacele ukuba aphinde ababhalele. U-Irma uthi, “Konke lokhu kuyangijabulisa kakhulu futhi kungigcina ngikhuthele emsebenzini kaJehova.”

Ngezinye izikhathi u-Irma ubhalela nalabo abahlala ezindaweni okunakekelwa kuzo asebekhulile. Uyachaza: “Omunye umama osekhulile wangifonela, wathi incwadi yami yamduduza kakhulu ngemva kokushonelwa umyeni wakhe. Wathi uyibeka eBhayibhelini lakhe futhi izikhathi eziningi uyayifunda lapho esezolala. Kanti nomunye osanda kushonelwa umyeni wakhe wathi incwadi engangimbhalele yona yamsiza ukudlula intshumayelo kamfundisi. Wayesanemibuzo eminingi, ngakho wacela ukufika azongibona.”

Omunye wesifazane ongeyena uFakazi owayazana no-Irma, wathuthela endaweni ekude wabe esecela u-Irma ukuba ambhalele izincwadi. U-Irma uthi: “Wazigcina zonke izincwadi engangimbhalela zona. Lapho eshona, indodakazi yakhe yangifonela. Yangitshela ukuthi yayizifunde zonke izincwadi engangizibhalele umama wayo. Yabe isingicela ukuba ngiyibhalele nayo.”

U-Irma uyijabulela kakhulu inkonzo yakhe. Uthi: “Ngiyamnxusa uJehova ukuba aqhubeke engipha amandla okumkhonza. Nakuba ngingasakwazi ukuhambela abantu emakhaya abo, ngenzela uJehova lokho engikwazi ukukwenza.”