Dlulela kokuphakathi

Wafunda Eziboshweni

Wafunda Eziboshweni

 Enye indoda yafika eNorway njengombaleki evela e-Eritrea ngo-2011. Lapho oFakazi BakaJehova bexoxa naye, wabatshale ukuthi wake wahlangana noFakazi ezweni lakubo. Wathi ngesikhathi eseyisosha, wake wabona ukuthi oFakazi ababeboshiwe ngenxa yokholo lwabo babenqaba lapho becindezelwa ukuba bangene ebuthweni lamasosha, ngisho noma babephathwa kabi.

 Kungazelelwe, le ndoda ngokwayo yavalelwa ejele. Yaboshwa noFakazi abathathu—uPaulos Eyasu, uNegede Teklemariam, no-Isaac Mogos—ababeboshiwe ngenxa yokholo lwabo kusukela ngo-1994.

 Ngesikhathi isejele, le ndoda yazibonela mathupha ukuthi oFakazi BakaJehova baphila ngakho lokho abakufundisayo. Yaphawula ukuthi baqotho futhi baze baphane nangokudla nezinye iziboshwa. Le ndoda yaphawula noFakazi eyeyiboshwe nabo indlela ababetadisha ngayo iBhayibheli ndawonye usuku nosuku bemema nabanye ukuba babe kanye nabo. Ngabe bakhululwa ejele ukube basayina isitatimende esithi angeke bephinde bemkhonze uJehova, kodwa benqaba.

 Lokho okwenziwa yilaba bazalwane kwamhlab’umxhwele, futhi ngemva kokuthuthela eNorway, wayefuna ukuthola ukuthi kungani oFakazi BakaJehova benokholo oluqine kanje. Ngakho, ngesikhathi oFakazi bexoxa naye, ngokushesha waqala ukutadisha iBhayibheli nabo nokuba khona emihlanganweni.

 NgoSepthemba 2018, wabhapathizwa waba uFakazi kaJehova. Manje usesebenzisa wonke amathuba aba nawo ukuze athintane nabantu abavela e-Eritrea naseSudan, ubakhuthaza ukuba batadishe iBhayibheli ukuze bezoba nokholo oluqinile.