Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Zilawule Izifiso Zakho

Zilawule Izifiso Zakho

Njengabantu abanesono, sihlale silwa kanzima ukuze silawule izifiso zethu. Uma sizivumela, singase silahlekelwe umusa kaJehova. Ngokwesibonelo, abanye bathanda kakhulu ukudla, izingubo zokugqoka nemizi yabo kunokuthanda uNkulunkulu. Abanye banelisa izifiso zabo zocansi ngendlela ephula izimiso zikaNkulunkulu. (Rom 1:26, 27) Abanye bavumela ukucindezelwa ontanga ngenxa yokuthi bafuna ukwamukelwa noma ukuthandwa.​—Eks 23:2.

Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi siyazilawula izifiso zethu? Kufanele senze konke okusemandleni ukuze sigxile ezintweni eziqinisa ubuhlobo bethu noNkulunkulu. (Mat 4:4) Kufanele sincenge uJehova asisize silawule izifiso zethu. Kungani? Yingoba uyazi ukuthi yini esilungele futhi uyakwazi ukwanelisa izifiso zethu ezifanele.​—Hu 145:16.

BUKELANI IVIDIYO ETHI UNGAKUVUMELI UKUPHILA KWAKHO KUSHABALALE NJENGENTUTHU, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini eyenza abanye abantu babheme?

  • Yini engenzeka emzimbeni wakho uma ubhema?

  • Kungani ukubhema kwazo zonke izinhlobo kukubi?—2Ko 7:1

  • Ungakwazi ukumelana nesifiso sokubhema!

    Ungakwenqaba kanjani ukubhema noma ukuyeke ngisho nokukuyeka?