Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IGEORGIA

Ukufuna Isiqondiso KuJehova

UTamazi Biblaia

Ukufuna Isiqondiso KuJehova
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1954

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1982

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wasiza ekunyatheliseni ngomshoshaphansi waphinde wakhonza njengomunye wabajikelezi bokuqala eGeorgia ebe ekhulisa izingane ezine.

UMAMA waphatheka kabi kakhulu lapho mina nomkami, uTsitso, siba oFakazi BakaJehova. Ngelinye ilanga, wabiza zonke izihlobo zethu enethemba lokuthi lokho kwakuzosiyekisa ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova. Kwathiwa angikhethe phakathi kokuyeka ukuba uFakazi nokuxoshwa emndenini.

Nganquma ukuthutha kulelo dolobha. Njengoba ngangisebenza ngensimbi, ngacabanga ukuthuthela eKutaisi, idolobha elingelesibili ngobukhulu eGeorgia, lapho ngangingathola khona umsebenzi kalula. Ngangazi nokuthi kwakunesidingo esikhulu sabamemezeli kulelo dolobha, ngakho ngafuna isiqondiso kuJehova.

Ngokushesha ngemva kwalokho, ngahlangana nomunye engangifunda naye iBhayibheli, owayehlala edolobhaneni elincane okuthiwa iJvari. Lapho ezwa ukuthi ngangicabanga ukuthuthela eKutaisi, wangincenga ukuba ngithuthele edolobheni ayehlala kulo. Wathi: “Sinayo indawo, mina nomkami nezingane sizosebenzisa ikamelo elilodwa, wena nomkakho ningasebenzisa leli elinye.”

Ngenxa yokuthi ngangifuna isiqondiso sikaJehova, ngamtshela ukuthi ngizosamukela isimemo sakhe okwesikhashana uma kuphela ngizoshesha ukuthola umsebenzi nendawo engingaqasha kuyo eJvari. Ngamangala ngoba ngabo lobo busuku, wabuya esephethe uhlu lwemisebenzi engangingayithola.

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, umndeni wethu wathuthela eJvari. Kusukela ngosuku lokuqala, ngase nginomsebenzi okhokhela kahle kakhulu. Umqashi wami omusha wanginika indawo yokuhlala endlini enkulu yenkampani. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngacelwa ukuba ngisize ekunyatheliseni ngomshoshaphansi izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Indlu yethu yayinendawo enkulu ngakho mina nomkami savuma ukuyisebenzisela leyo njongo.

Kwaphela iminyaka eminingi iSikhumbuzo nezinye izenzakalo ezikhethekile ziba sendlini yethu. Abantu abangaphezu kuka-500 babhapathizelwa kuyo. Ave ngijabula ngokuthi ngabubona ubufakazi besiqondiso sikaJehova futhi ngasilandela!