Hubelani UJehova—Izingoma Ezintsha

Zijabulele lezi zingoma ezintsha zokudumisa nokukhulekela uJehova uNkulunkulu. Dawuniloda umculo nezosha futhi uziprakthize lezi zingoma ezimnandi.

INGOMA 136

UMbuso Umisiwe—Mawuze!

Le ngoma yobukhosi idumisa uJehova uNkulunkulu ngenxa yokuqaphela ukubusa koMbuso osezandleni zikaKristu Jesu.

INGOMA 137

Sinikeze Isibindi

Hlanganyela ekunxuseni uJehova uNkulunkulu ukuba asiphe isibindi sokufakazela igama lakhe.

INGOMA 138

NguJehova Igama Lakho

Dumisa igama likaJehova elikhazimulayo, wazise bonke abantu ukuthi ungoPhezukonke.

INGOMA 139

Zifundiseni Ukuma Ziqine

Ukunxusa uJehova uNkulunkulu ukuba avikele izimvu futhi azisize zikhuthazele ngokwethembeka emncintiswaneni wokuphila.

INGOMA 140

Ukuphila Kwephayona

Bonisa uthando lwakho oluqotho ngoJehova futhi ujabulele umsebenzi wakho owanelisayo nokuphila okuthandayo.

INGOMA 141

Ukucinga Abangane Bokuthula

Ingoma ekhuthazayo nemnandi ekhuluma ngothando lwethu ngabantu nokucinga kwethu ngenkuthalo izimvu zikaNkulunkulu eziyigugu.

INGOMA 142

Ukushumayeza Zonke Izinhlobo Zabantu

Hubani ngobuhle bukaJehova nangengxenye yethu ekwamukeleni abantu bazo zonke izinhlobo ukuba babe abangane bakaNkulunkulu

INGOMA 143

Ukukhanya Ezweni Elimnyama

Isigijimi sethu sikhanyisa ubumnyama.

INGOMA 144

Kusho Ukuphila Kwabo

Kumelwe sishumayele isigijimi sikaNkulunkulu kusenesikhathi.

INGOMA 145

Ukulungiselela Ukuyoshumayela

Kungaba lula ukuhlala endlini, kodwa singawathola amandla esiwadingayo ukuze siphumelele.

INGOMA 146

Nikwenzile Kimi

UJesu ubheka zonke izenzo zothando nokusekelwa okunikwa abafowabo abagcotshiwe njengokungathi kwenziwa kuye.

INGOMA 147

Impahla Eyigugu

UJehova uyawazisa amadodana akhe agcotshwe ngomoya futhi ayathanda ukwenza akufisayo.

INGOMA 148

Wanikela NgeNdodana Yakho Ezelwe Yodwa

Bonga uJehova ngesipho esiyigugu kunazo zonke. Sinika bonke ithemba.

INGOMA 149

Siyabonga Ngesihlengo

Isenzo sothando esikhulu kunazo zonke, umhlatshelo kaJesu, usinika isizathu sokumbonga phakade uJehova.

INGOMA 150

Siyazinikela

Ngenjabulo veza isifiso sakho sokukhonza uJehova nganoma iyiphi indlela afisa ukukusebenzisa ngayo.

INGOMA 151

Ukwambulwa Kwabantwana BakaNkulunkulu

Silulinde ngabomvu usuku uJehova ayovusela ngalo abafowabo bakaKristu ezulwini ukuze banqobe kanye naye bathole umvuzo.

INGOMA 152

Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

Lapho izinkathazo zokuphila zisenza sesabe, uNkulunkulu angaba ngamandla nethemba lethu, sincike kuye.

INGOMA 153

Uzizwa Kanjani?

Uzizwa kanjani lapho wenza konke okusemandleni ukuze ufune abafanelekayo?

INGOMA 154

Masiqhubeke Sikhuthazela

Ingoma ezosisiza sikwazi ukukhuthazelela ubunzima futhi sikhonze uJehova ngokwethembeka uma nje kusadingeka.