Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Utshwala

Utshwala

Ingabe akulungile ukuphuza utshwala?

“Iwayini elisenza sijabule, amafutha omnqumo asenza sename nesinkwa esisinika amandla.”IHubo 104:15, “Good News Translation.”

OKUSHIWO ABANTU

Cishe emikhayeni eminingi utshwala sebuyingxenye yesidlo. Kanti kweminye imikhaya utshwala abuthintwa nhlobo. Ibangelwa yini le mibono engefani? Abantu bathonywe izinto ezihlukahlukene, ezinjengamasiko, ukukhathazeka ngempilo kanye nenkolo.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli liyakulahla ukudakwa nokuzitika ngokweqile, kodwa alikulahli ukuphuza utshwala ngokulinganisela. (1 Korinte 6:9, 10) Yiqiniso, kusukela endulo, amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu babeliphuza iwayini, isiphuzo okukhulunywa ngaso izikhathi ezingaphezu kwamakhulu amabili eBhayibhelini. (Genesise 27:25) ‘Yidla ukudla kwakho ngokujabula, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo enhle,’ kusho umShumayeli 9:7. Ngenxa yokuthi iwayini lenza umuntu ajabule, ngokuvamile lalitholakala kakhulu ngezikhathi zemikhosi, njengasemadilini omshado. Kwakusedilini elinjalo lapho uJesu enza khona isimangaliso sakhe sokuqala—ukuphendula amanzi abe “iwayini elimnandi.” (Johane 2:1-11) Iwayini lalisetshenziselwa nokwelapha.—Luka 10:34; 1 Thimothewu 5:23.

 Ingabe iBhayibheli liyasho ukuthi kufanele siphuze kangakanani?

[Ningabi] yizigqila zewayini eliningi.”Thithu 2:3.

KUNGANI KUNENDABA?

Unyaka ngamunye, imindeni eminingi iyahlupheka ngenxa yokuthi oyedwa noma bobabili abazali baphuza utshwala ngokweqile. Ukuphuza ngokweqile kubangela nokuwa kaningi kanye nezinye izingozi, kuhlanganise nezingozi zomgwaqo. Kanti ngokuhamba kwesikhathi, ukuphuza utshwala ngokweqile kungalimaza ubuchopho, inhliziyo, isibindi kanye nesisu.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Ukulinganisela ekuphuzeni nasekudleni kuyimfuneko ebalulekile kuNkulunkulu. (IzAga 23:20; 1 Thimothewu 3:2, 3, 8) Ukuntuleka kokuzithiba kubangela ukungamukeleki kuye. IBhayibheli lithi: “Iwayini lingumhleki wosulu, uphuzo oludakayo lunomsindo, noma ubani oduka ngalo akahlakaniphile.”—IzAga 20:1.

Enye indlela utshwala obungadukisa ngayo abangahlakaniphile, ukulahleka kwesimilo. UHoseya 4:11, uthi: “Iwayini kanye newayini elimnandi okususa isisusa esihle.” Indoda okuthiwa uJohn, yakufunda kanzima lokhu. * Ngemva kokuxabana nomkayo, yaya ehhotela, yaphuza kakhulu emva kwalokho yaphinga—izenzo eyazisola kakhulu ngazo kamuva futhi yanquma ukungabe isaziphinda. Ukuphuza ngokweqile kungasilimaza ngokomzimba, ngokokuziphatha nangokomoya, futhi iBhayibheli lithi izidakwa ngeke zikuthole ukuphila okuphakade.—1 Korinte 6:9, 10.

Kunini lapho ukuphuza kungafaneleki khona?

“Abantu abahlakaniphile bayoyibona iseza inhle-kelele bese beyigwema, kodwa umuntu ongaca-bangi uyovele aqonde kuyo abese ezisola kamuva.”IzAga 22:3, “Good News Translation.”

KUNGANI KUNENDABA?

I-World Book Encyclopedia ithi: “Utshwala buyisidakamizwa esinamandla.” Ngakho-ke, kungase kube nezimo noma izikhathi lapho ngisho nokubuphuza ngokulinganisela kungaba ukungahlakaniphi.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Abantu bavame ‘ukuvele baqonde [enkingeni]’ ngenxa yokuthi baphuza ngesikhathi esingafanele. IBhayibheli lithi “kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into,” lokho kuhlanganisa nesikhathi sokuziqhelelanisa notshwala. (UmShumayeli 3:1) Ngokwesibonelo, umuntu ngokomthetho wezwe angase abe mncane kakhulu ukuba angaphuza, kungenzeka uzama ukugqashula ekubeni umlutha wotshwala noma kungenzeka usebenzisa imithi engahambisani notshwala. Kanti kubantu abaningi, “isikhathi esimisiwe” sokuzithiba singaphambi kokuba baye emsebenzini nalapho besemsebenzini, ikakhulukazi uma besebenza ngemishini engaba yingozi. Ngokuqinisekile, abantu abahlakaniphile babheka impilo yabo njengesipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu. (IHubo 36:9) Sibonisa inhlonipho ngalesi sipho lapho sivumela izimiso zeBhayibheli ziqondise umbono wethu ngotshwala.

^ isig. 11 Igama lishintshiwe.