Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | NGISAPHILELANI NJE?

Ngoba Izimo Ziyashintsha

Ngoba Izimo Ziyashintsha

“Sicindezelwe ngazo zonke izindlela, kodwa asiminyene kangangokuthi asikwazi nokunyakaza; sisambathekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma.”2 KORINTE 4:8.

Ukuzibulala kuye kwabizwa ngokuthi “ikhambi elihlala njalo lenkinga yesikhashana.” Ngisho noma kunzima kanjani ukukukholelwa lokhu, isimo esicindezelayo, ngisho naleso esibonakala singaphezu kwamandla—singase sibe esesikhashana. Empeleni singashintsha kungazelelwe sibe ngcono.—Bheka ibhokisi elithi  “Izimo Zabo Zashintsha.”

Ngisho noma izimo zingashintshi, kungcono kakhulu ukusingatha izinkinga zakho ngokuxazulula eyodwa ngesikhathi. UJesu wathi, “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.”Mathewu 6:34.

Kodwa kuthiwani uma izimo zakho zingenakushintsha? Ngokwesibonelo, kungenzeka unesifo esingamahlala-khona. Noma kuthiwani uma ukuphelelwa kwakho yithemba kubangelwa isimo esingenakushintsha, njengokuchitheka komshado noma ukushonelwa umuntu omthandayo?

Ngisho nangaphansi kwezimo ezinjalo, kukhona ongakushintsha: indlela osibheka ngayo isimo. Ngokufunda ukwamukela izimo ongenakuzishintsha, ungase ube nombono omuhle kakhudlwana ngezinto. (IzAga 15:15) Kanti maningi namathuba okuba ufune izindlela zokusikhuthazelela isimo kunokuba uncamele ukuzibulala. Ube yini umphumela? Ungaqala ukusilawula ngezinga elithile isimo okubonakala sengathi asinakulawuleka.Jobe 2:10.

KHUMBULA LOKHU: Ngeke ukwazi ukufinyelela esiqongweni sentaba ngegxathu elilodwa kuphela, kodwa ungayiqombola kancane kancane. Ungenza okufanayo nangezingqinamba eziningi obhekana nazo, kungakhathaliseki ukuthi zibonakala ziwumqansa omkhulu kangakanani.

ONGAKWENZA NAMUHLA: Khuluma nothile ngesimo sakho, kungaba umngane noma ilungu lomndeni. Lowo muntu angakusiza ukuba ubheke isimo okuso ngeso elibanzi.IzAga 11:14.