Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Lapho Ingane Yakho Iqamba Amanga

Lapho Ingane Yakho Iqamba Amanga

INSELELE

Umfanyana wakho oneminyaka emihlanu uyadlala kwelinye ikamelo. * Kungazelelwe, uzwa into ephahlazekayo. Uyaphuthuma uyobheka indodana yakho futhi uyithola ime eduze kwezingcezwana zesitsha sokuhlobisa esiphahlazekile. Ubuso bayo bukwenza uzibonele ukuthi iyona esibulele.

“Uwena obulale lesi sitsha?” ubuza indodana yakho ngezwi eliqinile.

“Cha mama, angizange ngisibulale!” iphendula ngokushesha.

Awuqali ukuzwa lo mfanyana wakho oneminyaka emihlanu eqamba amanga asobala. Ingabe lokhu kufanele kukukhathaze?

OKUFANELE UKWAZI

Konke ukuqamba amanga kubi. IBhayibheli lithi uJehova uNkulunkulu akalwamukeli “ulimi olunamanga.” (IzAga 6:16, 17) Umthetho owawunikezwe ama-Israyeli wawunesijeziso esiqinile kunoma ubani okhohlisa omunye umuntu.—Levitikusi 19:11, 12.

Nokho, amanga awalingani. Amanye amanga mabi; aqanjwa ngenjongo yokulimaza omunye umuntu. Amanye amanga aqanjwa ngoba umuntu ecindezelekile okwesikhashana, mhlawumbe ukuze agweme ukuhlazeka noma isijeziso. (Genesise 18:12-15) Nakuba konke ukuqamba amanga kukubi, amanye amanga mabi kakhulu kunamanye. Uma ingane yakho iqamba amanga, cabangela ubudala bayo nokuthi siyini isizathu sokufihla kwayo iqiniso.

Kufanele uyilungise le nkinga ngesikhathi ingane isencane. Udokotela uDavid Walsh uyabhala, “Ukukhuluma iqiniso, ikakhulu lapho kungelula, kuyisifundo esibaluleke kakhulu ezinganeni. Ubuhlobo busekelwe ekwethembaneni, futhi ukuqamba amanga kuyakuqeda ukwethembana.” *

Nokho, ungabi novalo. Ukuthi ingane yakho iqambe amanga akusho ukuthi iyonakala. Khumbula, iBhayibheli lithi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” (IzAga 22:15) Ezinye izingane zibonisa lobo buwula ngokuqamba amanga, mhlawumbe zicabanga ukuthi kuyindlela elula yokugwema isijeziso. Khona-ke, indlela osabela ngayo ibalulekile.

ONGAKWENZA

Zama ukuqonda ukuthi kungani ingane iqamba amanga. Ingabe isaba ukujeziswa? Ingabe ayifuni ukukudumaza? Uma ixoxa indaba engekho ukuze ijabulise abangane bayo, kungenzeka yini ukuthi ayikakhuli ngokwanele ukuba iqonde umehluko phakathi kwendaba engokoqobo nokuziphuphela nje? Uma wazi ukuthi kungani ingane yakho iqamba amanga, uyokwazi kangcono ukuyisiza.—Isimiso seBhayibheli: 1 Korinte 13:11.

Ngezinye izikhathi, yitshele kunokuba uyibuze. Endabeni esixoxe ngayo ekuqaleni, umama, owayelazi kakade iqiniso, wabuza ingane yakhe ngezwi eliqinile: “Uwena obulale lesi sitsha?” Ingane yaqamba amanga, mhlawumbe ngoba isaba ulaka lukanina. Kodwa esikhundleni sokubuza umbuzo wokuyimangalela, ake sithi umama wamane wathi: “Awubheke, usubulale lesi sitsha manje!” Ngokuvele ayitshele kunokuba ayibuze, akayifaki esilingweni sokuba iqambe amanga—futhi uyayisiza ukuba izijwayeze ukwethembeka.—Isimiso seBhayibheli: Kolose 3:9.

Ncoma ngobuqotho. Ngokwemvelo, izingane zifisa ukujabulisa abazali bazo, ngakho sebenzisa lokho kuthambekela ngendlela efanele. Yenze yazi ingane ukuthi ukwethembeka kwaziswa kakhulu emndenini wakho nokuthi ngenxa yalokho, ulindele ukuba ikhulume iqiniso.—Isimiso seBhayibheli: Hebheru 13:18.

Kwenze kucace kuyo ukuthi ukuqamba amanga kuqeda ukwethembana, nokuthi kungathatha isikhathi eside ukuba kuphinde kwakheke lokho kwethembana uma sekungasekho. Yenze ifise ukuziphatha kahle ngokuyincoma lapho ikhuluma iqiniso. Ngokwesibonelo, ungase uthi, “Kuyangijabulisa ukuthi ukhuluma iqiniso.”

Beka isibonelo. Ngokusobala, awunakulindela ukuba ingane yakho ikhulume iqiniso uma izwa wena usho izinto ezinjengokuthi, “Mtshele ukuthi angikho” uma ungafuni ukukhuluma nothile ocingweni noma uthi, “Ngiyagula namuhla angiyi ndawo,” kuyilapho empeleni ufuna ukuziphumulela nje.—Isimiso seBhayibheli: Jakobe 3:17.

Sebenzisa iBhayibheli. Izimiso zalo kanye nezindaba zangempela kukhuthaza ukwethembeka. Incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, ingakusiza ukuba ugxilise izimiso zeBhayibheli enganeni yakho. Isahluko 22 sithi “Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga.” (Bheka ingcaphuno ethathwe kuso ebhokisini elithi “ Incwadi Yokusiza Ingane Yakho.”) Incwadi ethi

^ isig. 4 Ukuze senze kube lula, kulesi sihloko sibhekisela enganeni yomfana. Nokho, izimiso okuxoxwa ngazo ziyasebenza nasemantombazaneni.

^ isig. 11 Icashunwe encwadini ethi, No: Why Kids—of All Ages—Need to Hear It and Ways Parents Can Say It.