Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INGABE UYAKULAWULA UKUPHILA KWAKHO?

Inselele: Izibopho Eziningi

Inselele: Izibopho Eziningi

IZINGANE zifuna uzinake—manje. Umqashi wakho naye ufuna okufanayo. Oshade naye, naye uyakudinga. Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi usazama ukunakekela umzali wakho ogulayo. Lokhu akukhona ukuphila owawukuhlosile, kodwa ubhekana nakho nsuku zonke. Uyazibuza, “Yini engingayenza? Abantu bayangidinga!” Ukubenzela konke abakufunayo, kungase kungakuzuzisi wena—noma bona. Ungakwazi kanjani ukubuye ulawule isimo?

ISIBONELO ESISEBHAYIBHELINI: UMOSE

Njengoba kunguyena kuphela owayengumahluleli kwa-Israyeli ngezikhathi zeBhayibheli, kungenzeka ukuthi uMose wayenomuzwa wokuthi umane wenza lokho okwakufanele akwenze. Kodwa umukhwe wakhe wathi kuye: “Ayiyinhle le ndlela owenza ngayo. Nakanjani uzokhathala.” Wabe esesikisela ukuthi umsebenzi omningi wokwahlulela uMose awabele amadoda afanelekayo, wona alethe amacala amakhulu kuphela kuye. Wawuzoba yini umphumela? Umukhwe kaMose wamqinisekisa: “[Le nto] uzokwazi ukuyimela, futhi . . . laba bantu bayofika bonke endaweni yabo ngokuthula.”—Eksodusi 18:17-23.

LOKHO OKWENZIWA UDELINA

Njengoba kuphawuliwe esihlokweni esisekuqaleni, uDelina uhlushwa isifo sezinzwa nemisipha okuthiwa i-dystonia. Unakekela nabafowabo abathathu abakhubazekile. Uthi: “Ngiye ngathola ukuthi ukubhekana nezimo zosuku ngalunye nokugwema ukuhlehlisa izinto, kuyayinciphisa ingcindezi. Ukukhuluma ngesimo engibhekene naso, kuye kwenza abanye bakwazi ukungisiza, kuhlanganise nomyeni wami. Ngichitha nesikhashana esithile njalo ekuseni ngilungisa ingadi—okuyinto engenza nganeliseke kakhulu.”

“Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.”—UmShumayeli 3:1

ONGAKWENZA

Uma izibopho eziningi kuyizo ezilawula ukuphila kwakho, zama lokhu:

  • Bona ukuthi ngeke yini ubathole abantu abangakusiza. Ngokwesibonelo, ingabe zikhona izingane ohlala nazo ezingasiza? Ingabe akhona amalungu omndeni noma abangane abahlala eduze abangakusiza?

  • Tshela abanye ukuthi udinga usizo. Ngokwesibonelo, khuluma nomqashi wakho uma efuna wenze okungaphezu kwamandla akho. Lokho akusho ukuthi kufanele umsongele ngokuthi uzowuyeka umsebenzi. Menze nje aqonde ukuthi yini obhekene nayo. Angase akunciphisele umsebenzi owenzayo.

  • Zibhale phansi izinto okufanele uzenze phakathi nesonto. Ingabe ezinye zazo zingenziwa abanye?

  • Musa ukwamukela zonke izimemo zokuzijabulisa ozitholayo. Uma ungeke ukwazi ukuphumelela ngenxa yokuntula isikhathi, noma ngenxa yobuthakathaka, xolisa ngomusa.

Iphuzu Eliyinhloko: Uma uzama ukwenza yonke into, ungagcina ungenzanga lutho.