Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INQABAYOKULINDA No. 3 2021 | Ikusasa Elilondekile​—⁠Ungalithola Kanjani?

Yini ongayenza ukuze ube nekusasa elilondekile? Izihloko ezikulo magazini zizokusiza uhlole izinto ezihlukahlukene ongazenza. Zizokusiza nokuba uthole umthombo okuwukuphela kwawo ongakwenza ube nekusasa elilondekile.

 

Ikusasa Elilondekile​—⁠Isifiso Sawo Wonke Umuntu

Yisiqondiso sikabani ongasethemba lapho umphakathi uhlaselwa izimo ezingalindelekile?

Yini Ngempela Enquma Ikusasa Lakho?

Abaningi abafunda izinkanyezi, i-⁠feng shui noma abakhonza amadlozi nalabo abanenkolelo yokuphinduzalwe bacabanga ukuthi amandla angabonakali alawula ikusasa labo.

Imfundo Nemali Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?

Abaningi baye bathola ukuthi imfundo ephakeme nengcebo kuba nemiphumela ebingalindelekile.

Ukuba Umuntu Onenhliziyo Enhle Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?

Ukuba umuntu onenhliziyo enhle kubalulekile kodwa akukwenzi ube nekusasa elilondekile.

Yini Engakusiza Ube Nekusasa Elilondekile?

Ngokuvamile lapho senza izinqumo, siye sibuze umuntu omdala nohlakaniphile kunathi. Ngendlela efanayo, isiqondiso esingasethemba mayelana nekusasa singasithola kuMuntu omdala nohlakaniphe kakhulu kunathi.

Ungazikhethela Ikusasa Lakho

Yiziphi izinto esingakhetha kuzo?

Indlela Yokuba Nekusasa Elilondekile

Ucabanga ukuthi iyiphi indlela engakuholela ekubeni nekusasa elilondekile?