Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kubalulekile ukuxoxa ngezinto kusenesikhathi

Ongakwenza Lapho Umuntu Omthandayo Enesifo Esingalapheki

Ongakwenza Lapho Umuntu Omthandayo Enesifo Esingalapheki

UDOREEN washaqeka lapho kutholakala ukuthi umyeni wakhe uWesley, owayeneminyaka engu-54, unesimila ebuchosheni. * Odokotela bathi usalelwe izinyanga ezimbalwa ephila. UDoreen uthi: “Angikholwanga. Kwaphela amasonto amaningi ngididekile. Kwakungathi kwenzeka kwabanye abantu, hhayi kithi. Kwangizuma.”

Ngokudabukisayo, indlela uDoreen ayezizwa ngayo ivamile. Isifo esingalapheki singaphatha noma ubani nganoma yisiphi isikhathi. Kuyajabulisa ukuthi abaningi bayabanakekela abantu ababathandayo abanezifo ezingalapheki. Nokho, ukunaka umuntu ogulayo kungumsebenzi othusayo. Yini engenziwa umndeni ukuze ududuze futhi unakekele ogulayo? Lapho abantu benakekela umuntu ogulayo, indlela abazizwa ngayo izolokhu ishintshashintsha. Yini abangayenza ngalokho? Yini evame ukwenzeka lapho sekuseduze ukuba umuntu ashone? Ake siqale sixoxe ngokuthi kungani ukunakekela umuntu onesifo esingalapheki kungasafani nasezikhathini zakudala.

INKINGA ENTSHA

Isayensi yezokwelapha isiyishintshe kakhulu indlela abantu abafa ngayo namuhla. Eminyakeni engaba yikhulu edlule, abantu babephila isikhathi esifushane, ngisho nalabo ababehlala emazweni athuthukile. Abantu babesheshe bafe uma bengenwe isifo esithelelanayo noma bebe sengozini. Kwakungelula ukuya esibhedlela, ngakho abantu abaningi babenakekelwa imindeni bese beshonela ekhaya.

Namuhla, intuthuko kwezokwelapha yenze odokotela bakwazi ukulwa nezifo ukuze siphile isikhathi esithe ukuba sijana. Abantu sebephila iminyaka eminingi benezifo ezazishesha ukubulala kudala. Kodwa ngezinye izikhathi lezo zifo zisuke zingeke zelapheke. Ngokuvamile iziguli ziba buthaka zize zingakwazi ukuzenzela izinto. Ukunakekela abantu abanjalo sekuya kuba nzima nakakhulu.

Ngenxa yalokho, abantu sebevame ukushonela esibhedlela kunasekhaya. Abantu abaningi namuhla abazi ukuthi yini eyenzekayo uma umuntu esezoshona futhi bambalwa abake bambona umuntu efa. Ukungazi kwenza abaningi babe novalo bese benqena ukunakekela umuntu wabo abamthandayo ogulayo. Yini engasiza?

HLELANI KUSENESIKHATHI

Njengoba kubonisiwe endabeni kaDoreen, abantu abaningi bavele badideke lapho bezwa ukuthi umuntu abamthandayo unesifo esingalapheki. Yini engakusiza ukuba ukwazi ukuzilungiselela umsebenzi osuke useza nakuba usosizini futhi uthukile? Inceku kaNkulunkulu ethembekile yathandaza: “Sibonise ukuthi singazibala kanjani izinsuku zethu ngaleyo ndlela ukuze sikwazi ukungenisa inhliziyo enokuhlakanipha.” (IHubo 90:12) Nawe kumelwe uthandaze kuJehova uNkulunkulu umcele ukuba akubonise ukuthi ‘ungazibala kanjani izinsuku zakho’ ngokuhlakanipha ukuze wazi ukuthi yini okufanele uyenze kulezi izinsuku ezisele ezizophilwa umuntu omthandayo.

Kuzodingeka ukuba nihlele kahle. Uma ogulayo esakwazi ukuzikhulumela nokucabanga kahle, kungangcono nimbuze ukuthi ubani afuna amenzele izinqumo lapho yena engasakwazi ukuzinqumela. Kumelwe nixoxe nangokuthi uma kwenzeka inhliziyo yakhe ima uyafuna yini ukuba kuzanywe izindlela zokumvusa, ukuya esibhedlela noma ukulashwa ngezinye izindlela. Ukuxoxa ngakho kunganciphisa ukudideka nomuzwa wecala emalungwini omndeni okuzomelwe enze izinqumo uma ogulayo engasakwazi ukuzinqumela. Uma nixoxa ngakho ngokushesha nangokukhululekile, nizokwazi ukumnakekela kahle. IBhayibheli lithi: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona [ukululekana].”—IzAga 15:22.

ONGASIZA NGAKHO

Ngokuvamile umsebenzi oyinhloko womnakekeli ukududuza ogulayo. Umuntu ogulela ukufa udinga ukuqinisekiswa ukuthi uyathandwa futhi uzosekelwa. Kungenziwa kanjani lokho? Mfundele okuthile noma umculele, khetha izincwadi namaculo awathandayo nakhuthazayo. Abantu abaningi abagulayo bayaduduzeka lapho umuntu abamthandayo ebabamba isandla futhi ekhuluma nabo ngomusa.

Kuyasiza nokuchaza abantu abafikayo bezombona. Omunye umbiko uthi: “Izindlebe ziphakathi kwezinto zokugcina eziyeka ukusebenza. Ungase ucabange ukuthi [abagulayo] balele kanti bayezwa, ngakho ungalokothi ukhulume into ongeke uthande bayizwe.”

Thandaza nogulayo uma kungenzeka. EBhayibhelini sifunda ukuthi umphostoli uPawulu nabangane bakhe bake bacindezeleka kangangokuthi babengazi ukuthi bazoqhubeka bephila yini. Balucela kuphi usizo? UPawulu wancenga abangane bakhe: “Nani ningasiza ngokuba nisinxusele.” (2 Korinte 1:8-11) Ave usebenza umthandazo lapho umuntu ecindezelekile futhi egula kakhulu!

BHEKANA NAMAQINISO

Ukwazi nje ukuthi umuntu omthandayo usezoshona kuyacindezela. Lokhu kungenxa yokuthi sasingadalelwe ukuba sife. UNkulunkulu akasidalelanga ukuba samukele ukuthi ukufa kuyingxenye yokuphila. (Roma 5:12) Yingakho iZwi likaNkulunkulu lithi ukufa ‘kuyisitha.’ (1 Korinte 15:26) Ngakho-ke, akukho okubi ngokungathandi ukucabanga ngokufa komuntu omthandayo.

Noma kunjalo, ukucabanga ngalokho okungase kwenzeke kungasiza umndeni ukuba unciphise ukwesaba futhi usize ogulayo ukuba angakhathazeki ngokweqile. Ibhokisi elithi “ Amasonto Okugcina Okuphila” linohlu lwezinto ezingase zenzeke lapho ukufa sekusemnyango. Izinto ezikulolu hlu azenzeki kubo bonke abantu futhi azilandelani ngendlela efanayo. Kodwa ziyenzeka kubantu abaningi.

Lapho umuntu omthandayo eseshonile, kungaba ukuhlakanipha ukucela usizo kumuntu owake wacela ukusiza. Umndeni nabanakekeli bazodinga ukuqinisekiswa ukuthi umuntu abamthandayo usephumule futhi akasezwa zinhlungu. Ngothando, uMdali wethu uyasiqinisekisa ukuthi “abafileyo bona abazi lutho.”—UmShumayeli 9:5.

UMNAKEKELI OBADLULA BONKE

Singafunda ukwamukela usizo lwawo wonke umuntu

Kubalulekile ukuthembela kuNkulunkulu lapho usagulelwa nalapho ususosizini lokushonelwa. Angasebenzisa abanye ukuba basho noma benze izinto ezizokusiza. UDoreen wathi, “Ngafunda ukwamukela usizo lawo wonke umuntu. Empeleni, baningi kakhulu abantu abasisiza. Sobabili sinomyeni wami sabona ukuthi kwakuyindlela kaJehova yokuthi, ‘Aninodwa, ngizonisiza.’ Angisoze ngakukhohlwa konke lokho.”

UJehova ungumnakekeli obadlula bonke. Uyalwazi usizi esikulo ngoba nguye owasidala. UJehova uyathanda ukusisiza nokusikhuthaza ukuze sibhekane nezinkinga zethu futhi unamandla okukwenza lokho. Ngaphezu kwalokho, usithembisa ukuthi maduze uzokuqeda ukufa, avuse izinkulungwane zezigidi zabantu asebashona abasenkumbulweni yakhe. (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Ngaleso sikhathi, bonke abantu bayosho njengomphostoli uPawulu bathi: “KuFa, kuphi ukunqoba kwakho? KuFa, luphi udosi lwakho?”—1 Korinte 15:55.

^ isig. 2 Amagama ashintshiwe.