Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yakha Ubungane Nabantu Abahlukahlukene

Yakha Ubungane Nabantu Abahlukahlukene

Inkinga

Uma sibagwema abantu esingabathandisisi kahle, singase sibacwase nakakhulu. Kanti uma sigcina ngokuba nabangane nabantu abafana nathi kuphela, singase siphethe ngokuthi indlela esicabanga ngayo, esizizwa ngayo nesenza ngayo iyona kuphela eyamukelekayo.

Lokho Okushiwo YiBhayibheli

“Yanulekani.” —2 KORINTE 6:13.

Kusho ukuthini lokhu? “Inhliziyo” yethu ingabhekisela endleleni esizizwa ngayo ngaphakathi nezinto esizithandayo. Uma sithanda kuphela abantu abafana nathi, inhliziyo yethu ibavalela ngaphandle abanye. Ukuze sigweme leyo nkinga, kumelwe sizimisele ukwakha ubungane nalabo abahlukile kithi.

Indlela Okusiza Ngayo Ukwakha Ubungane Nabantu Abahlukahlukene

Lapho sijwayelana kakhudlwana nabanye abantu, siqala ukuqonda ukuthi kungani benza izinto ngendlela ehlukile. Lapho sisondelana kakhudlwana nabo, asibe sisawubona umehluko phakathi kwethu nabo. Sibahlonipha kakhudlwana futhi sizwelane nabo.

Cabanga ngesibonelo sikaNazaré. Ekuqaleni wayebabandlulula abantu bokufika. Uyachaza ukuthi yini eyamsiza: “Ngachitha isikhathi nabo, ngasebenza nabo. Ngahlangana nabantu abahluke ngokuphelele kulokho umphakathi owawuthi bayiko. Lapho wakha ubungane nabantu bamanye amasiko uyayeka ukubabopha ngabhande linye, ubathanda kakhudlwana futhi ubahloniphe.”

Ongakwenza

Yakha amathuba okuxoxa nabantu bakwamanye amazwe, bezinye izinhlanga noma bezinye izilimi. Nakhu ongakwenza

  • Bacele bakuxoxele kafushane ngabo.

  • Bameme bazodla nawe.

  • Lalela lapho bekuxoxela izinto ezenzeka ekuphileni kwabo, uthole nokuthi yini ebalulekile kubo.

Uma uzama ukuqonda ukuthi izinto ezenzeke ekuphileni kwabo zibulolonge kanjani ubuntu babo, ungase uqale ukubabheka kangcono abantu abafana nabo.