Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kwaklanywa?

Izinsephe Zembaza Yasolwandle

Izinsephe Zembaza Yasolwandle

IZIMBAZA zasolwandle zinamathela emadwaleni, okhunini, noma emizimbeni yemikhumbi njengezimbambelela. Kodwa ngokungafani nezimbambelela ezinamathela zithi ne entweni, izimbaza zasolwandle zilenga ngoxhaxha lwezinsephe ezincane ezisazintanjana. Nakuba le ndlela yenza imbaza inyakaze kalula nakakhulu lapho idla noma iya kwenye indawo, lezi zintanjana zibonakala zithambe kakhulu ukuba zingabekezelela ukushaywa amagagasi olwandle. Izinsephe ziyenza kanjani imbaza ikwazi ukunamathela, ingathathwa ulwandle?

Cabanga ngalokhu: Izinsephe zembaza ziwuqhotho kolunye uhlangothi, kanti zithambile futhi ziyanwebeka kolunye. Abacwaningi bathole ukuthi isilinganiso esinembile esisetshenziswa yimbaza​—indawo ewuqhotho engamaphesenti angu-80 nendawo ethambile engamaphesenti angu​-20—sisemqoka ekubambeleleni kakhulu ngangokunokwenzeka. Ngenxa yalokho, lezi zinsephe zikwazi ukubambelela kahle lapho amanzi asolwandle ezidonsa nalapho eziphusha ngokushesha.

UProfesa Guy Genin uthi imiphumela yalolu cwaningo iyamangalisa, abese enezela: “Okwenza lesi silwane sibe yisimanga ukusetshenziswa ngokuhlakanipha kwendawo ethambile nendawo eqinile.” Ososayensi bakholelwa ukuthi indlela izintanjana zezinsephe zembaza eziklanywe ngayo ingase isetshenziswe ezintweni ezihlukahlukene njengokuxhuma imishini ezakhiweni nasemikhunjini engaphansi kwamanzi, ukuhlanganisa imisipha namathambo nokuvala amanxeba okuhlinzwa. UJ. Herbert Waite, onguprofesa e-University of California, eSanta Barbara, e-U.S.A., uthi: “Imvelo inentilibathwa yamagugu ayizindlela zokunamathisela.”

Wena ucabangani? Ingabe izinsephe zembaza yasolwandle zazivelela, noma zaklanywa?