Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA LE NKINGA EZOXAZULULWA NGAYO

Lapho Sekubusa UMbuso KaNkulunkulu, ‘Kuyochichima Ukuthula’

Lapho Sekubusa UMbuso KaNkulunkulu, ‘Kuyochichima Ukuthula’

Maduze uMbuso kaNkulunkulu, owuhulumeni ozobusa umhlaba wonke nobekwe nguNkulunkulu, uzoletha ukuthula nobunye emhlabeni. Njengoba iHubo 72:7 lithembisa, ‘ukuthula kuyochichima.’ Kodwa lo Mbuso uzoqala nini ukubusa emhlabeni? Uzokwenza kanjani lokho? Yini wena ongayenza ukuze ube khona lapho sekubusa lo Mbuso?

UZOFIKA NINI UMBUSO KANKULUNKULU?

IBhayibheli labikezela izenzakalo ezaziyobonisa lapho uMbuso kaNkulunkulu ususondele. Lezo zenzakalo ‘ziyisibonakaliso’ esihlanganisa izimpi, indlala, izifo, ukuzamazama komhlaba nokwanda kokwephulwa komthetho.—Mathewu 24:3, 7, 12; Luka 21:11; IsAmbulo 6:2-8.

Esinye isiprofetho sithi: “Kodwa yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abangalaleli abazali, abangabongi, abangathembekile, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, . . . abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuba bathande uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-4) Bebelokhu bekhona abantu abanjalo. Kodwa manje sebebaningi kakhulu.

Lezi ziprofetho zaqala ukugcwaliseka ngo-1914. Izazi-mlando, abaholi nababhali bezincwadi, baye baphawula ukuthi umhlaba washintsha kakhulu ngemva kwalowo nyaka. Ngokwesibonelo, isazi-mlando saseDenmark uPeter Munch sabhala: “Impi yango-1914 yaletha ushintsho olukhulu emlandweni wabantu. Ngaphambi kwalowo nyaka abantu babezitshela ukuthi izimo zaziba ngcono emhlabeni, kodwa ngemva kwawo kwaqala izinhlekelele, inzondo nokuncipha kwezokuphepha kuyo yonke indawo.”

Okuhle ukuthi lezi zinto zibonisa ukuthi izimo sezizoba ngcono. Ziwuphawu lokuthi sekuseduze ukuba uMbuso kaNkulunkulu ubuse umhlaba. Empeleni uJesu washo nokuthile okuhle okwakuyoba ingxenye yesibonakaliso sokuthi ukuphela sekuzofika, wathi: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke, ngemva kwalokho ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

Lezo zindaba ezinhle ziwumyalezo oFakazi BakaJehova abawushumayelayo. Umagazini wabo okhiqizwa kakhulu, INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova. Uvame ukuxoxa ngezinto ezinhle uMbuso kaNkulunkulu ozozenzela abantu emhlabeni wonke.

UZOBUSA KANJANI UMBUSO KANKULUNKULU KUSANEMINYE IMIBUSO?

Impendulo yalo mbuzo itholakala kula maqiniso amane abalulekile:

  1. Lo Mbuso ngeke usebenzelane noma uqondiswe abaholi bezepolitiki banamuhla.

  2. Abaholi bezepolitiki ngeke bakuthande ukulahlekelwa amandla okubusa, ngakho bayozama ukulwa noMbuso kaNkulunkulu.—IHubo 2:2-9.

  3. Kuzodingeka ukuba uMbuso kaNkulunkulu ubhubhise imibuso yezepolitiki efuna ukuqhubeka ibusa abantu. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 19:17-21) Lokho kuyokwenzeka empini ebizwa ngokuthi i-Armagedoni.—IsAmbulo 16:14, 16.

  4. Bonke abavumayo ukubuswa uMbuso kaNkulunkulu bayosinda empini i-Armagedoni futhi bahlale emhlabeni onokuthula. Bayokwakha iqembu iBhayibheli elilibiza ngokuthi “isixuku esikhulu,” esingaba izigidi zabantu.—IsAmbulo 7:9, 10, 13, 14.

YINI ONGAYENZA UKUZE UBE KHONA LAPHO SEKUBUSA LO MBUSO?

Isinyathelo sokuqala ukuba ufunde. Lapho uJesu ethandaza kuNkulunkulu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukuba bakwazi, wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nalowo omthumile, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Lapho abantu sebemazi kahle uNkulunkulu, bathola izinzuzo eziningi. Nazi ezinye zazo: Eyokuqala, ukuthi baba nokholo kuye. Lolo kholo olusekelwe ebufakazini obuyiqiniso lubaqinisekisa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu ungokoqobo, futhi sekuseduze ukuba ubuse. (Hebheru 11:1) Enye inzuzo iwukuthi luyakhula uthando lwabo ngoNkulunkulu nangomakhelwane babo. Ukuthanda uNkulunkulu kubenza bamlalele ngokusuka enhliziyweni. Ukuthanda umakhelwane kubenza balalele umyalo owashiwo uJesu ovame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Lowo myalo uthi: “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.”—Luka 6:31.

Njengobaba onothando, uMdali wethu usifunela okungcono kakhulu. Ufuna sithole lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukuphila kwangempela.” (1 Thimothewu 6:19) Ukuphila esikuphila manje, akukona “ukuphila kwangempela.” Ukuphila kwezigidi zabantu kunzima kakhulu futhi bayahluleka ukubhekana nakho. Ukuze ubone ukuthi kunjani “ukuphila kwangempela,” cabanga ngezinto ezimbalwa uMbuso kaNkulunkulu ozozenzela abantu.

Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu abantu bazoba nokudla okuningi futhi bazophepha