Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXOXO NOTHILE | URAJESH KALARIA

Umcwaningi Wobuchopho Uchaza Ngokholo Lwakhe

Umcwaningi Wobuchopho Uchaza Ngokholo Lwakhe

UPROFESA Rajesh Kalaria, wasenyuvesi yaseNewcastle, eNgilandi, usecwaninge ngobuchopho bomuntu iminyaka engaphezu kwengu-40. Wayekholelwa ukuthi izinto zazivelela. Kodwa, kamuva umbono wakhe washintsha. I-Phaphama! yambuza ngomsebenzi wakhe nangalokho akukholelwayo.

Awusixoxele ukuthi nanikhonzaphi kini.

Ubaba wazalelwa eNdiya, umama yena nakuba engowomdabu waseNdiya, wazalelwa e-Uganda. Ukuphila kwabo kwakuncike kakhulu emasikweni amaHindu. Ngingowesibili ezinganeni ezintathu. Sasihlala eNairobi, eKenya. Maningi amanye amaHindu ayehlala eduze kwasekhaya.

Yini eyakwenza wathanda isayensi?

Bengilokhu ngizithanda izilwane futhi ngangihlale ngiyoqwala izintaba nabangane bami ukuze siyobuka imvelo, sifike silale khona. Ekuqaleni ngangifuna ukuba udokotela wezilwane. Kodwa ngemva kokuba sengithweswe iziqu ekolishi eNairobi, ngaya eNgilandi ngiyofunda ngezimbangela zezifo enyuvesi yaseLondon. Kamuva ngagxila ekucwaningeni ngobuchopho bomuntu.

Izifundo zakho zazithonya yini izinkolelo zakho?

Yebo. Njengoba ngangiqhubeka ngifunda ngesayensi, ngakuthola kunzima ukukholelwa ezimfundisweni nasemasikweni obuHindu anjengokukhulekela izilwane nezithombe.

Yini eyakwenza wakholelwa emfundisweni yokuthi izinto zazivelela?

Ngisemncane abantu abaningi babenombono wokuthi abantu bavela ezilwaneni nokuthi ukuphenduka kwezilwane zibe abantu kwaqala e-Afrika futhi sasivame ukuxoxa ngalokho esikoleni. Othisha noprofesa basenyuvesi babesenza sicabange ukuthi bonke ososayensi abahlonishwayo bakholelwa ukuthi izinto zazivelela.

Ngokuhamba kwesikhathi waphinde wayifakela izibuko indaba yokuthi ukuphila kwaqala kanjani. Kungani?

Ngemva kweminyaka eminingi ngitadisha ngesayensi yezinto eziphilayo nendlela izilwane nabantu abakheke ngayo, kweza omunye engangifunda naye wangixoxela lokho ayekufunde eBhayibhelini koFakazi BakaJehova. Ngafuna ukwazi okwengeziwe. Ngakho ngaya emhlanganweni woFakazi owawusehholo elalisekolishi engangifunda kulo eNairobi. Ngokuhamba kwesikhathi, kwafika oFakazi ababili abayizithunywa zevangeli bangichazela ezinye izinto ezifundiswa iBhayibheli. Inkolelo yabo yokuthi kunoMklami Omkhulu onezimpendulo zemibuzo ebalulekile, ayizwakalanga iyinganekwane. Yazwakala inengqondo.

Ingabe ulwazi lwakho lwezokwelapha lwakuvimba ukuba ukholelwe ukuthi izinto zadalwa?

Lutho! Njengoba ngangifunda ngokwakheka kwezinto eziphilayo ngabona ukuthi ziklanywe kahle futhi ziyinkimbinkimbi. Akubange kusavuma ukuba ngithi lezi zinto eziklanywe kahle kangaka zavele zazivelela.

Usho ukuthini?

Kusukela ekuqaleni kwawo-1970, bengilokhu ngitadisha ubuchopho bomuntu futhi abuve bungimangaza. Yibona obuphehla imicabango yethu, bugcine izinkumbulo zethu buqondise nezinto eziningi ezenzeka emizimbeni yethu. Izinzwa zethu eziningi ziletha imiyalezo yalokho okwenzeka ngaphakathi nangaphandle kwemizimba yethu bese ubuchopho buyayifunda leyo miyalezo.

Ngokuyinhloko, ubuchopho bethu busebenza ngenxa yamakhemikhali nenxanxathela yezinzwa namaseli akubo. Bunezinkulungwane zezigidi zezinzwa ezikwazi ukuthumelelana imiyalezo ngamapayipana amancane kunemithambo abizwa ngama-axon. Emaphethelweni ama-axon, izinzwa zikwazi ukuxhumana nezinye izinzwa ngamanye amapayipana amafushane abizwa ngokuthi ama-dendrite. Ukuxhumana kwezinzwa okwenzeka ebuchosheni kuyakhexisa! Ngaphezu kwalokho, le nxanxathela yezinzwa ihlelekile futhi isebenza kahle. Indlela lezi zinzwa ezixhumene ngayo iyinkimbinkimbi njengenxanxathela yezintambo zikagesi.

Ake uthi ukwenaba.

Izinzwa zakheka ngendlela ehlelekile lapho ingane isesesiswini nalapho isizelwe. Ziyanwebeka ukuze zixhumane nezinye izinzwa ezithe ukuqhela. Zingase zinwebekele ukuyoxhumana hhayi neseli elithile kodwa nento ethile ekulelo seli.

Ukunwebeka kwezinzwa kuqondiswa amakhemikhali azitshelayo ukuthi “ima,” “hamba,” “jika” zize zifike lapho ziya khona. Ukube lawo makhemikhali ebengazikhiphi lezi ziqondiso, izinzwa bezingeke zifike lapho kumelwe ziye khona. Konke lokhu kuhlelwe ngobunyoninco kusukela eziqondisweni ezikuyi-DNA yethu.

Nakhu esingaphetha ngakho: Asisoze saqonda ngokugcwele ukuthi ubuchopho bukhula futhi busebenze kanjani nokuthi busenza kanjani sikhumbule izinto, sibe nemizwa futhi sicabange. Kimi, ukwazi nje ukuthi ingqondo iyasebenza, ingasaphathwa eyokuthi isebenza kanjani nokuthi ikhula kanjani, kungenza ngibone ukuthi kunomuntu ohlakaniphe ngendlela engachazeki owenze yonke le nto.

Kungani waba uFakazi KaJehova?

OFakazi banginikeza ubufakazi bokuthi iBhayibheli liyiZwi LikaNkulunkulu. IBhayibheli aliyona incwadi yesayensi, kodwa lapho likhuluma ngayo liyihlaba esikhonkosini. Lineziprofetho ezagcwaliseka njengoba kwakuprofethiwe. Lenza ukuphila kwalabo abenza lokho elikufundisayo kuchume. Mina ngiwubufakazi balokho. Selokhu ngaba uFakazi KaJehova ngo-1973, bengilokhu ngiqondiswa iBhayibheli. Ngenxa yalokho, ukuphila kwami sekunenjongo futhi senganeliseke ngempela.