Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umkhankaso Ohlelwe Kahle Uthela Izithelo

Umkhankaso Ohlelwe Kahle Uthela Izithelo

UMaría Isabel ungummemezeli osemusha oshisekayo edolobheni iSan Bernardo eliseChile eNingizimu Melika. Yena nomndeni wakubo bangamaMapuche adabuka kule ndawo. Wonk’ umndeni ubulokhu uyisekela ngenkuthalo imizamo yokumisa ibandla elisha lolimi lwamaMapuche, olubizwa nangokuthi isiMapudungun.

Lapho kukhishwa isaziso sokuthi iSikhumbuzo sokufa kukaKristu sizoba nangesiMapudungun nokuthi kuzosakazwa izimemo zeSikhumbuzo ezingu-2 000 zalolo limi, uMaría Isabel wacabanga. Yini ayengayenza ukuze asize? Wakhumbula okuhlangenwe nakho kwabanye abasha abangoFakazi abaphumelela lapho beshumayeza abafunda nabo esikoleni nothisha. Wakhuluma nabazali bakhe ngakho, futhi bonke baphetha ngokuthi uMaría Isabel kufanele azame ukuthola icebo lokusakaza izimemo esikoleni. Wathola liphi icebo?

Okokuqala, uMaría Isabel wacela imvume kubaphathi besikole yokuchoma isimemo esangweni elikhulu lesikole. Bamvumela futhi bamncoma ngalokho ayefuna ukukwenza. Ngelinye ilanga ekuseni besemthandazweni, uthishanhloko waze wenza nesaziso ngombhobho mayelana nalesi simemo!

Ngemva kwalokho, uMaría Isabel wacela ukuhambela wonke amakilasi. Ngemva kokuthola imvume kothisha, wabuza ekilasini ngalinye ukuthi ukhona yini umfundi ongumMapuche. Uthi: “Ngangicabanga ukuthi mhlawumbe bangaba ngu-10 noma ngu-15 abafundi abaqhamuka emindenini yamaMapuche esikoleni sisonke, kodwa babebaningi kakhulu—ngagcina sengikhiphe izimemo ezingu-150!”

“WAYELINDELE UMUNTU OMDALA KUNAMI”

Owesifazane owabona isimemo esangweni lesikole wabuza ukuthi angathintana nobani mayelana naleso senzakalo. Cabanga indlela amangala ngayo lapho ethunyelwa entombazaneni eneminyaka eyishumi! Emomotheka, uMaría Isabel uthi: “Wayelindele umuntu omdala kunami.” Ngemva kokumnikeza isimemo nencazelo emfushane, uMaría Isabel wamcela ikheli ukuze yena nabazali bakhe bamvakashele ukuze baxoxe naye okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu. Yeka injabulo ababa nayo abamemezeli abangu-20 abakhonza ensimini yesiMapudungun lapho bebona lona wesifazane kanye nabanye abathakazelayo abangamaMapuche abangu-26 eSikhumbuzweni. Lelo qembu manje seliyibandla elikhulayo!

Kungakhathaliseki ukuthi uneminyaka emingaki, ungakwazi yini ukuthatha isinyathelo esifanayo sokumemela ofunda nabo noma osebenza nabo eSikhumbuzweni, enkulumweni yeningi noma emhlanganweni wesigodi? Yenza ucwaningo ezincwadini zethu ukuze uthole okuhlangenwe nakho okungakucebisa ekwenzeni lo msebenzi ngempumelelo. Ungathandazela nomoya ongcwele kaJehova ukuba ukusize uqunge isibindi sokukhuluma ngaye. (Luka 11:13) Uma wenza kanjalo, nawe ungathola injabulo emangalisayo futhi ukhuthazeke kakhulu ngokubona imiphumela yemizamo yakho ehlelwe kahle.