Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

WayengowakwaKayafase

WayengowakwaKayafase

Ngezinye izikhathi ukutholakala komvubukulo kuqinisekisa ngokuqondile noma ngandlela-thile ukuthi umuntu othile okukhulunywa ngaye eBhayibhelini waphila ngempela. Ngokwesibonelo, ngo-2011, izazi zakwa-Israel zanyathelisa imininingwane ephathelene nomvubukulo onjalo. Yibhokisi lamathambo elineminyaka engu-2 000—elenziwe ngetshe lomcako okwakufakwa kulo amathambo omuntu oshonile ngemva kokuba inyama isibolile.

Leli bhokisi linombhalo oqoshiwe othi: “UMiriyamu indodakazi kaYeshua indodana kaKayafase, umpristi [wesigaba] sikaMahaziya owayevela eBeth ′Imri.” Umpristi ophakeme ongumJuda owaba nengxenye ekuqulweni kwecala likaJesu nasekubulaweni kwakhe kwakunguKayafase. (Joh. 11:48-50) Isazimlando uFlavius Josephus sibhekisela kuye ngokuthi “uJosefa, owayebizwa ngokuthi uKayafase.” Kusobala ukuthi leli bhokisi lalingelomunye wezihlobo zakhe. Njengoba umbhalo oqoshiwe osebhokisini lamathambo elatholwa ngaphambili okucatshangwa ukuthi elompristi ophakeme ngokwakhe umbiza ngokuthi “Yehosef bar Caiapha, noma uJosefa, indodana kaKayafase, * kumelwe ukuba uMiriyamu wayehlobene noKayafase ngandlela-thile.

Ngokwemininingwane enikezwa yi-Israel Antiquities Authority (IAA), ibhokisi likaMiriyamu lathathwa ezigebengwini ezaziphange ithuna lasendulo. Ukuhlolwa kwaleli bhokisi kanye nombhalo oqoshwe kulo kuyagculisa.

Leli bhokisi lisitshela nokunye okusha. Libhekisela esigabeni “sikaMahaziya,” esasingesokugcina kwezingu-24 zabapristi ababekhonza ngokushintshana ethempelini laseJerusalema. (1 IziKr. 24:18) Ngokwe-IAA, umbhalo oqoshiwe okuleli bhokisi wembula ukuthi “umndeni kaKayafase wawuhlobene nesigaba sikaMahaziya.”

Kulo mbhalo oqoshiwe kuvela negama elithi Beth ′Imri. Kunezincazelo ezimbili ezicatshangelwayo zale ngxenye yombhalo oqoshiwe. I-IAA ithi: “Incazelo yokuqala iwukuthi iBeth ′Imri igama lomndeni wabapristi—amadodana ka-Imeri (Ezra 2:36-37; Nehemiya 7:39-42) inzalo yawo ehlanganisa amalungu esigaba sikaMahaziya. Incazelo yesibili [iwukuthi iBeth ′Imri] iyindawo umufi azalelwa kuyo noma umndeni wakhe.” Kunoma yikuphi, ibhokisi likaMiriyamu linikeza ubufakazi bokuthi iBhayibheli likhuluma ngabantu abaphila ngempela ababezalwa emindenini engokoqobo.

^ isig. 3 Ngokuphathelene nebhokisi likaKayafase, bheka isihloko esithi “Umpristi Ophakeme Owalahla UJesu Ngecala,” kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 2006, amakhasi 10-13.