Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Incwadi Evela EBenin

Ngaze Ngazifaka!

Ngaze Ngazifaka!

KWAKUSEKUSENI eNtshonalanga Afrika. Kunuka iphunga eliconsisa amathe lezitshulu ezishisayo nelayisi. Abesifazane badlula bethwele imithwalo emikhulu kakhulu. Kwakunomsindo wabagegethekayo, abanye bematasa bedayisa. Kwakusekuseni kodwa ilanga lase lishisa bhe!

Lapho izingane zibona i-Yovo, noma umlungu, zahaya ingoma futhi zadansa. Ingoma yazo yayiqala ngokuthi “Yovo, Yovo, bon soir”, iphethe ngokuthi “Sicela isipho ngokukuculela nokukudansela.” Kunomfana owayengaculi. Njengoba ngiqhubeka ngihamba, wangilandela waqala ukwenza izimpawu ezithile ngezandla. Kwakubukeka njengolimi lwezandla. E-United States ngangikufundile ukukhuluma ngoLimi Lwezandla LwaseMelika, kodwa iBenin iyizwe elikhuluma isiFulentshi.

Ngazama ukwenza izimpawu zezinhlamvu ezingu-8 zegama lami ngolimi lwezandla. Umfana wavele wamomotheka. Wangidonsa ngesandla sahamba endleleni encane saya kubo, indlu enamagumbi amabili eyakhiwe ngezitini zikakhonkolo. Umndeni wakubo waphuma wonke. Bonke babekhuluma ngolimi lwezandla. Ngase ngizoyithini le ndaba? Ngenza izimpawu zegama lami ngezandla ngase ngibhala epheshaneni ukuthi ngiyisithunywa sevangeli esifundisa iBhayibheli futhi ngizophinde ngibuye. Kwathi mbo nabanye omakhelwane abangezona izithulu, bonke bevuma ngokunqekuzisa amakhanda. Ngacabanga, ‘Ngaze ngazifaka!’

Sengisekhaya, ngacabanga kanzulu, ‘Kumelwe kube khona umuntu ozofundisa laba bantu ngalesi sithembiso sikaNkulunkulu: “Izindlebe zabayizithulu ziyovulwa.”’ (Isaya 35:5) Ngenza ucwaningo. Ukubalwa kwabantu kwakamuva kwakuveze ukuthi zingu-12 000 izithulu nabantu abangezwa kahle eBenin. Ngamangala lapho ngibona ukuthi ezikoleni zezithulu kusetshenziswa uLimi Lwezandla LwaseMelika hhayi olwaseFrance. Kodwa kwakudabukisa ukuthola ukuthi kwakungekho ngisho noyedwa uFakazi KaJehova lapha owayelwazi uLimi Lwezandla LwaseMelika. Ngidangele, ngathi kuFakazi wendawo, “Ngifisa sengathi ngabe kukhona olwaziyo uLimi Lwezandla LwaseMelika ongeza azosiza.” Waphendula, “Ukhona nje wena.” Wayeqinisile! Ngazi-odela incwadi eyayizongisiza kanye nama-DVD oLimi Lwezandla LwaseMelika akhiqizwa oFakazi BakaJehova.  Imithandazo yami yokuthola usizo yaphendulwa lapho uFakazi waseCameroon olwazi kahle uLimi Lwezandla LwaseMelika ethuthela eBenin.

Abantu abaningi bezwa ngokufunda kwami ulimi lwezandla. Ngacelwa ukuba ngivakashele uBrice, umpendi wamabhodi ezimpawu. Ishabhu lakhe lakhiwe ngamahlamvu esundu athungwe ahlanganiswa, enza umoya uphole njengoba kushisa kule ndawo. Udonga lwalapha lumibalabala ngoba kuyo yonke le minyaka ubelokhu esulela khona amabhulashi akhe okupenda. Wasula izihlalo ezimbalwa wayesengibuka, elindele ukuba ngiqale. Ngafaka i-DVD emshinini ophathwayo. Wadonsa isihlalo wasondela kulo mshini. “Ngiyabona! Ngiyabona!” esho ngolimi lwezandla. Kwafika izingane zomakhelwane zalunguza zifuna ukubukela. Enye yamemeza, “Yini ndaba bebukele ibhayisikobho engakhulumi?”

Njalo lapho ngibuyela kuBrice, kwakuba nenqwaba yabantu eyayima eduze komshini ibukele i-DVD. Ngokushesha uBrice kanye nabanye baqala ukuza emihlanganweni yobuKristu. Ukuzama ukubahumushela kwangisiza ngathuthuka. Njengoba iqembu likhula, abanye babeze bazizele bona bezongicinga. Ngokwesibonelo, ngelinye ilanga imoto yami endala yayikhehlezela njengoba ngangihambe ngingena ezikhisini ngizama ukugegela izimbuzi nezingulube. Ngabe sengizwa umsindo omkhulu ovela ngemuva emotweni. Ngacabanga, ‘Hawu kodwa bakwethu, kungabi ukuthi iyafa futhi!’ Cha, kwakuyindoda eyisithulu eyayigijima ngemva kwemoto izama ngazo zonke izindlela ukuba ngiyibone—yaze yashaya imoto!

Kwaba namanye amaqembu oLimi Lwezandla LwaseMelika nakwamanye amadolobha. Ngesikhathi kuhlelwa ukuba kube khona ulimi lwezandla emihlanganweni yethu yesigodi yaminyaka yonke, ngangiphakathi kwalabo abacelwa ukuba bahumushe. Njengoba nginyukela endaweni yesikhulumi futhi ngisalinde ukuba siqale, okwesikhashana nje ngakhumbula emuva ngisanda kufika esabelweni sami. Ngangihlale ngicabanga, ‘Konje yini enye engingayenza njengesithunywa sevangeli e-Afrika?’ Lapho ngibuka izilaleli, ngayithola impendulo—ukuba isithunywa sevangeli esisiza izithulu. Manje angisenawo umuzwa wokuthi ngizifakile.