Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | ONGAKWENZA UKUZE UTHANDE UMSEBENZI OWENZAYO

Ukwenza Umsebenzi Onzima—Ingabe Kuyisidala?

Ukwenza Umsebenzi Onzima—Ingabe Kuyisidala?

U-Alex uyabubula njengoba efaka elinye ibhokisi elolini lenkampani ayisebenzelayo ethutha izimpahla. Uyazibuza, ‘Kungani ngisahlezi kulo msebenzi ongeke ungiyise ndawo? Mina ngiyophumelela nini? Ukuphila kwami kungaba ngcono kakhulu ukube bekungadingeki ngisebenze!’

Njengo-Alex, iningi namuhla alikuthandi ukwenza umsebenzi onzima. U-Aaron, umakhenikha wezimoto, uthi: “Abantu abaningi bacabanga ukuthi kubehlisa isithunzi ukwenza umsebenzi ‘ophansi.’ Nakhu abakushoyo: ‘Lo msebenzi ngizowenza nje kuze kube yilapho ngithola ongcono.’ ”

Kungani abaningi benomuzwa wokuthi umsebenzi onzima awubafanele? Mhlawumbe baye bathonywa yilokho abakubona kuyithelevishini nasemaphephandabeni, okubonisa ukuthi ukuphila “okungcono kakhulu” yilokho okunethezekile nokulula. UMatthew oyisisebenzi esilungisa izinto uthi, “Abantu bahlobanisa impumelelo nomsebenzi owenzayo, lapho wenza umsebenzi onzima abakubheki njengophumelele.” UShane owenza umsebenzi wokuhlanza, naye uye waqaphela isimo esifanayo. Uthi: “Abantu abasawenzi umsebenzi wosuku olingana neholo abalitholayo.”

Ngakolunye uhlangothi, abantu abaningi ababhekwa njengabaphumelele bayawujabulela umsebenzi onzima. UDaniel oneminyaka engu-25 owenza umsebenzi wokwakha uthi: “Ngicabanga ukuthi umsebenzi onzima uzuzisa kakhulu, ikakhulukazi lapho ufeza izinjongo ezifanele.” U-Andre, oneminyaka engu-23, naye uvumelana nalokho, uthi: “Ngikholelwa ukuthi injabulo ihlobene nokusebenza; ukwenza umsebenzi omncane akukuletheli injabulo ehlala njalo kodwa kukulethela isizungu esihlala njalo!”

Yini eye yenziwa uDaniel no-Andre nabanye abanjengabo ukuze babe nombono omuhle ngomsebenzi onzima? Kalula nje, baye basebenzisa lokho okushiwo iBhayibheli ekuphileni kwabo. Kunokuba iBhayibheli ligxeke umsebenzi onzima, likhuthaza inkuthalo nokukhuthazela. Kodwa iBhayibheli aligcini nje ngokusitshela ukuthi sisebenze. Liphinde lisibonise nendlela yokuwuthanda umsebenzi wethu.

Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza uthole ukwaneliseka emsebenzini wakho? Sicela ukuba uhlole ezimbalwa zazo, njengoba kuxoxwa ngazo esihlokweni esilandelayo.