Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Ukukhiqiza Incwadi Ebaluleke Kunazo Zonke

Ukukhiqiza Incwadi Ebaluleke Kunazo Zonke

JANUWARI 1, 2021

 “Sekuphele iminyaka engu-19 yonke ngiyilindile!” Wayelindeni lo mfowethu? INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngolimi lwakhe, isiBengali. Abantu abaningi basho okufanayo lapho kukhululwa iNguqulo Yezwe Elisha ngolimi lwabo. Kodwa wake wazibuza yini ukuthi yini edingekayo ukuze kuhunyushwe futhi kunyatheliswe la maBhayibheli?

 Okokuqala, kwabelwa iqembu labahumushi ngokuqondisa kweKomiti Yokubhala yeNdikimba Ebusayo. Kulithatha isikhathi eside kangakanani iqembu labahumushi ukuhumusha iBhayibheli? UNicholas Ahladis, osebenza eMnyango Oqondisa Umsebenzi Wokuhumusha eWarwick, eNew York, uyachaza: “Ziningi ezinto ezinomthelela kulokho, okubalwa kuzo ukuthi bangaki abahumushi abatholakalayo abangenza lo msebenzi, ulimi luyinkimbinkimbi kangakanani, nokuthi abafundi balo bayiqonda ngezinga elingakanani indlela yokuphila yangezikhathi zeBhayibheli, kanye nokuthi lolo limi luhlukahluka kangakanani kuye ngokwezindawo olukhulunywa kuzo. Ngokujwayelekile, iqembu lingathatha isikhathi esingaba unyaka owodwa kuya kwemithathu lihumusha imiBhalo YamaKristu yesiGreki nje kuphela bese kuba yiminyaka emine noma ngaphezulu lapho lihumusha lonke iBhayibheli. Lo msebenzi uthatha isikhathi eside nakakhulu uma kuhunyushelwa olimini lwezandla.”

 Akudingeki nje iqembu labahumushi kuphela lapho kuhunyushwa iBhayibheli. Kudingeka neqembu labafundi bangaphandle abanezizinda ezingefani—ngezinye izikhathi abavela emazweni ahlukahlukene—abazohlola umsebenzi osuhunyushiwe, lokhu bakwenza ngaphandle kokufuna ukukhokhelwa. Ukuphawula kwabo kusiza abahumushi ukuba bakhiphe iBhayibheli elinembile, elicacile neliqondakalayo. Kunjengoba omunye umfowethu oqeqesha abahumushi waseNingizimu Afrika asho, “abahumushi bazizwa benomthwalo osindayo phambi kukaJehova nakubafundi beZwi lakhe.”

 Ngemva kokuba umsebenzi wokuhumusha usuphothuliwe, amaBhayibheli kufanele anyatheliswe bese ehlanganiswa enziwe umqulu. Ukuze kwenziwe lokho, izindawo zokunyathelisa zisebenzisa cishe izinto eziyishumi: iphepha, u-inki, uqwembe lokwemboza, iglu, okokuhlobisa isembozo, okokucwebezelisa, izintanjana noma amaribhoni, ama-headbands, okokuqinisa umgogodla weBhayibheli, kanye nento yokubamba amakhasi ukuze iBhayibheli lihlangane. Ngo-2019, kwasetshenziswa imali engaphezu kuka-R292 029 800,00 ukuze nje kutholakale lezi zinto zokwenza iBhayibheli. Izisebenzi zasendaweni yethu yokunyathelisa zasebenza amahora angaphezu kuka-300 000 ngalowo nyaka ukuze zikhiqize amaBhayibheli bese ziwathumela.

“IBhayibheli liyincwadi ebaluleke kunazo zonke kwesizenzayo”

 Kungani sisebenzisa isikhathi esiningi kangaka nemali engaka senza le misebenzi? UJoel Blue osebenza eMnyango Wokunyathelisa Womhlaba Wonke uthi, “iBhayibheli liyincwadi ebaluleke kunazo zonke kwesizenzayo. Ngakho sifuna ukuba indlela elibukeka ngayo ikhazimulise uNkulunkulu esimkhonzayo nomyalezo esiwushumayelayo.”

 Ngaphandle kwamaBhayibheli avamile eNguqulo Yezwe Elisha, kudingeka nokuba sikhiqize awalabo abanezidingo ezikhethekile. Ngokwesibonelo, iNguqulo Yezwe Elisha itholakala nangohlelo lwe-braille ngezilimi eziyishumi. IBhayibheli elilodwa eliphelele le-braille lingathatha amahora angu-8 wonke ukulenza, futhi imiqulu yalo eminingi idinga indawo yokuyibeka engaba amamitha angu-2,3. Sibuye sikhiqize neBhayibheli elikhethekile elizosetshenziswa yiziboshwa ezisemajele avumela izincwadi ezinezembozo zephepha kuphela.

 INguqulo Yezwe Elisha iyakuthinta ukuphila kwabafundi bayo. Cabanga ngebandla lolimi lwesiKiluba lasendaweni okuthiwa yiTombe, eseDemocratic Republic of the Congo. ITombe iqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-1 700 uma uhamba ngomgwaqo usuka enhlokodolobha yakuleli zwe. OFakazi balapho babeneBhayibheli elilodwa kuphela, nalo elalisebenzisa isiKiluba sakudala. Lelo Bhayibheli elilodwa babeshintshana ngalo abazalwane lapho belungiselela izabelo zemihlangano yebandla. Kodwa kusukela ngo-Agasti 2018, wonke umuntu kuleli bandla usenelakhe iBhayibheli le-Nguqulo Yezwe Elisha ngesiKiluba.

 Nakhu okushiwo omunye udade okhuluma isiJalimane nge-Nguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe yolimi lwakhe: “Angisasho ukuthi kufanele ngifunde iBhaybheli. Kunalokho sengizibuza ukuthi, ‘Kambe ngingalithola nini ithuba ngiphinde ngithi ukulifunda futhi?’” Esinye isiboshwa sabhala: “Nganikezwa iBhayibheli le-Nguqulo Yezwe Elisha, futhi liyakuguqula ukuphila kwami. Ngiyaqala ukuliqonda kahle kanje iZwi likaNkulunkulu njengoba sengifunda le nguqulo. Ngingathanda ukwazi kabanzi ngoFakazi BakaJehova nokuthi ngingaba kanjani omunye wabo.”

 Bonke abafundi be-Nguqulo Yezwe Elisha bayabonga ngeminikelo esekela ukwenziwa kwaleli Bhayibheli. Le minikelo yomsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke ifakwa kuwebusayithi ku-donate.mt711.com. Sibonga kakhulu ngokupha kwenu.