Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW LIBRARY

Ukucinga EBhayibhelini Noma Encwadini​—Kuyi-Android

Ukucinga EBhayibhelini Noma Encwadini​—Kuyi-Android

Kuyi-JW Library uyakwazi ukucinga igama noma inkulumo eseBhayibhelini noma encwadini.

Ukuze ucinge okuthile, landela lezi ziyalezo:

 Ukucinga EBhayibhelini

Ungakwazi ukucinga igama noma inkulumo eBhayibhelini olivulile.

Lapho usalivulile iBhayibheli, thinta inkinobho yokuCinga, bese ubhala igama olifunayo. Njengoba ubhala, uzobona okusikiselwayo. Kuthinte noma uthinte inkinobho ka-Enter kuyi-keyboard ukuze ubone imiphumela.

Ingxenye ethi Amavesi Avame Ukusetshenziswa ibonisa amavesi avame ukusetshenziswa anegama obulicinga. Ingxenye ethi Wonke Amavesi ibonisa wonke amavesi anegama obulicinga ehlelwe ngokulandelana kwezincwadi zeBhayibheli. Ingxenye ethi Izihloko ibonisa izihloko ezinegama obulicinga esethulweni nasezithasiselweni uma lezi zingxenye zikhona.

Uma ubhale amagama amaningi, thinta ibhokisi elithi Amagama Afana Ncamashi ukuze kuvele kuphela imiphumela yenkulumo efana ncamashi noyibhalile.

 Ukucinga Encwadini

Uyakwazi ukucinga igama noma inkulumo encwadini oyivulile.

Njengoba usayivulile incwadi, thinta inkinobho yokuCinga; bese ubhala igama olifunayo. Njengoba ubhala, uzobona okusikiselwayo. Kuthinte noma uthinte inkinobho ka-Enter kuyi-keyboard ukuze ubone imiphumela.

Uma ubhale amagama amaningi, thinta ibhokisi elithi Amagama Afana Ncamashi ukuze kuvele kuphela imiphumela yenkulumo efana ncamashi noyibhalile

 Ukucinga Isihloko

Uma uyidawunilodile i-Insight on the Scriptures, ungakwazi ukucinga isihloko esikuyo. Lokhu ungakwenza uvule noma yiliphi iBhayibheli noma incwadi kuyi-app.

Thinta inkinobho yokuCinga, bese ubhala isihloko osifunayo. Njengoba ubhala, izihloko ezikuyi-Insight on the Scriptures ezifana naleso osicingayo nazo ziyavela ohlwini lokusikiselwayo. Sithinte isihloko ukuze usivule.

Lezi zici zaqala ukuba khona kuyi-JW Library 1.4, eyakhululwa ngo-February 2015, esebenza kuyi-Android 2.3 noma eyamuva. Uma ungaziboni lezi zici, sicela ulandele iziyalezo ezisesihlokweni esithi “Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android,” ngaphansi kwesithi Ukuthola Uhlelo Oluthuthukisiwe.