Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngezifo Eziwubhubhane?

Lithini IBhayibheli Ngezifo Eziwubhubhane?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli labikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina kwakuyoba nezifo eziwumshayabhuqe (izifo ezithe chithi saka, kuhlanganise neziwubhubhane). (Luka 21:11) Izifo eziwubhubhane njengalezo azisona isishayo noma isijeziso esivela kuNkulunkulu. Eqinisweni, maduzane uNkulunkulu uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze aqede zonke izinkinga zempilo ezikhona kuhlanganise nezifo eziwubhubhane.

 Ingabe iBhayibheli labikezela ngobhubhane lwezifo?

Azikho izifo eziwubhubhane iBhayibheli elizibikezela ngokuzigagula ngamagama, njenge-COVID-19, i-AIDS noma umkhuhlane waseSpain. Kodwa liyabikezela ‘ngezifo eziwumshayabhuqe’ “nangesifo esibulalayo.” (Luka 21:11; IsAmbulo 6:8) Lezi zinto ezenzekayo ziyingxenye yophawu ‘lwezinsuku zokugcina,’ ezibizwa nangokuthi “isiphelo sesimiso sezinto.”—2 Thimothewu 3:1; Mathewu 24:3.

 UNkulunkulu wake wabajezisa yini abantu ngezifo?

Kunezigameko ezimbalwa iBhayibheli elikhuluma ngazo lapho uNkulunkulu asebenzisa khona izifo ukuze ajezise abantu. Ngokwesibonelo, wabangela abantu abathile ukuba babe nochoko. (Numeri 12:1-16; 2 AmaKhosi 5:20-27; 2 IziKronike 26:16-21) Nokho, lezi zigameko ezingavamile zazingezona izifo eziwubhubhane ezisakazekela kubantu abangenacala ngokungakhethi. Kunalokho, kwakuyizijeziso eziqondiswe kubantu abathile okwakusobala ukuthi bavukele uNkulunkulu.

 Ingabe izifo eziwubhubhane zanamuhla ziyisijeziso esivela kuNkulunkulu?

Cha. Abanye abantu bathi uNkulunkulu usebenzisa izifo eziwumashayabhuqe kanye nezinye izifo ukuze ajezise abantu namuhla. Nokho, iBhayibheli aliwusekeli lowo mbono. Kungani?

Esinye isizathu ukuthi ezinye izikhonzi zikaNkulunkulu—zesikhathi esidlule nezanamuhla—ziye zahlushwa ukugula. Ngokwesibonelo, indoda ethembekile uThimothewu, ‘yayigula kaningi.’ (1 Thimothewu 5:23) Kodwa iBhayibheli alisho ukuthi lokhu kwakuwuphawu lokuthi uNkulunkulu akajabule ngaye. Ngokufanayo nanamuhla, ezinye izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ziyagula noma zingenwe yizifo. Ngokuvamile, laba bantu babemane nje besendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele.—UmShumayeli 9:11.

Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi isikhathi sikaNkulunkulu sokujezisa ababi asikafiki. Kunalokho, siphila ‘osukwini lwensindiso’​—okuwukuthi, isikhathi lapho uNkulunkulu emema khona abantu ngomusa ukuba basondele kuye ukuze basindiswe. (2 Korinte 6:2) Enye indlela yokudlulisela leso simemo umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke ngomyalezo omuhle​—‘izindaba ezinhle zoMbuso.’​—Mathewu 24:14.

 Ziyoke ziphele kodwa izifo eziwubhubhane?

Yebo. IBhayibheli libikezela ngesikhathi esiseduze lapho kuyobe kungasekho muntu oyogula. Ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe, uNkulunkulu uyokwelapha zonke izinkinga zempilo. (Isaya 33:24; 35:5, 6) Uyoqeda ukuhlupheka, ubuhlungu nokufa. (IsAmbulo 21:4) Kanti futhi uyovusa abafile ukuze baphinde bajabulele ukuphila benempilo enhle emhlabeni ngaphansi kwezimo ezingenazinkinga.—IHubo 37:29; izEnzo 24:15.

 Amavesi eBhayibheli akhuluma ngokugula

Mathewu 4:23: “[UJesu] walihamba lonke elaseGalile, efundisa emasinagogeni abo futhi eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso, elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka kubantu.”

Incazelo: Izimangaliso zikaJesu zabonisa ngezinga elincane lokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenzela sonke isintu maduzane.

Luka 21:11: “Kuyoba khona . . . nezifo eziwumshayabhuqe.”

Incazelo: Izinkinga ezigcwele umhlaba wonke ziyingxenye yophawu lwezinsuku zokugcina.

IsAmbulo 6:8: “Ihhashi eliphaphathekile, oligibele wayenegama elithi ukuFa. IThuna lalimlandela eduze. Banikwa igunya . . . ukuba babulale . . . nangesifo esibulalayo.”

Incazelo: Isiprofetho esiphathelene nabagibeli bamahhashi abane besAmbulo sibonisa ukuthi ubhubhane lwezifo lwaluyoba khona esikhathini sethu.