Dlulela kokuphakathi

Luyini Uvuko?

Luyini Uvuko?

Impendulo YeBhayibheli

EBhayibhelini, igama elihunyushwe ngokuthi “uvuko” livela egameni lesiGreki elithi a·naʹsta·sis, elisho “ukuvuka” noma “ukuphinde usukume.” Umuntu ovusiwe uvuswa kwabafileyo abuyiselwe ekuphileni abe umuntu ayenguye ngaphambili.—1 Korinte 15:12, 13.

Nakuba igama elithi “uvuko” lingekho emiBhalweni yesiHebheru, evame ukubizwa ngokuthi iTestamente Elidala, le mfundiso yovuko iyavela kuyo. Ngokwesibonelo, ngomprofethi uHoseya, uNkulunkulu wathembisa: “Ngizobakhulula esandleni seShiyoli; ngizobophula ekufeni.”—Hoseya 13:14;Jobe 14:13-15; Isaya 26:19; Daniyeli 12:2, 13.

Bazovuselwa kuphi abantu? Abanye abantu bayovuselwa ezulwini ukuze babuse njengamakhosi noKristu. (2 Korinte 5:1; IsAmbulo 5:9, 10) IBhayibheli libiza lokhu ngokuthi ‘uvuko lokuqala’ nangokuthi ‘ukuvuka kokuqala,’ kokubili okusikisela ukuthi kunolunye uvuko oluzolandela. (IsAmbulo 20:6; Filipi 3:11) Kulolu vuko oluzolandela, abantu bazovuselwa emhlabeni futhi baningi abayothola lolu vuko.—IHubo 37:29.

Bavuswa kanjani abantu? UNkulunkulu unika uJesu amandla okuvusa abafileyo. (Johane 11:25) UJesu uyovusa “bonke abasemathuneni,” yilowo nalowo ngokubukeka kwakhe okuhlukile, ubuntu nezinkumbulo zakhe. (Johane 5:28, 29) Labo abavuselwa ezulwini bathola umzimba womoya, kanti labo abavuselwa emhlabeni bathola umzimba wenyama onempilo, ongumqemane.—Isaya 33:24; 35:5, 6; 1 Korinte 15:42-44, 50.

Obani abayovuswa? IBhayibheli lithi “kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Abalungile bahlanganisa abantu abathembekile, njengoNowa, uSara no-Abrahama. (Genesise 6:9; Hebheru 11:11; Jakobe 2:21) Abangalungile bahlanganisa labo abangakwazanga ukwenza ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu elungile ngenxa yokuthi abalitholanga ithuba lokuyifunda nokuyenza.

Nokho, labo ababa babi ngendlela yokuthi ngeke besalungiseka ngeke bavuswe. Uma abantu abanjalo befa, babhujiswa phakade futhi ababi nalo ithemba lokuvuka.—Mathewu 23:33; Hebheru 10:26, 27.

Bayovuswa nini abantu? IBhayibheli labikezela ukuthi uvuko lwabaya ezulwini lwaluyokwenzeka phakathi nokuba khona kukaKristu, okwaqala ngo-1914. (1 Korinte 15:21-23) Uvuko lwabazophila emhlabeni luyokwenzeka phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, lapho umhlaba ushintshwa uba ipharadesi.—Luka 23:43; IsAmbulo 20:6, 12, 13.

Kungani kunengqondo ukukholelwa ukuthi luyoba khona uvuko? IBhayibheli linikeza imininingwane eyisishiyagalolunye yokuvuka kwabantu, uvuko ngalunye lunofakazi bokuzibonela. (1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37; 13:20, 21; Luka 7:11-17; 8:40-56; Johane 11:38-44; IzEnzo 9:36-42; 20:7-12; 1 Korinte 15:3-6) Ukuvusa kukaJesu uLazaru kuphawuleka ngokukhethekile, njengoba uLazaru ayesefe izinsuku ezine futhi uJesu wenza lesi simangaliso phambi kwesixuku sabantu. (Johane 11:39, 42) Ngisho nalabo ababephikisa uJesu abakwazanga ukuyiphika le ndaba, esikhundleni salokho baceba ukubabulala bobabili uJesu noLazaru.—Johane 11:47, 53; 12:9-11.

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu unakho kokubili amandla nesifiso sokuvusa abafileyo. Enkumbulweni yakhe engenamkhawulo ugcina imininingwane yomuntu ngamunye azomvusa ngamandla akhe amakhulu. (Jobe 37:23; Mathewu 10:30; Luka 20:37, 38) UNkulunkulu uyakwazi ukuvusa abantu baphinde baphile uma efuna! Lapho lichaza uvuko oluzayo, iBhayibheli lithi ngoNkulunkulu: “Uyolangazelela umsebenzi wezandla zakho.”—Jobe 14:15.

Imibono eyiphutha ngovuko

Iphutha: Uvuko luwukuhlangana okwesibili komzimba nomphefumulo.

Iqiniso: IBhayibheli lifundisa ukuthi umphefumulo ungumuntu ewonke, hhayi ingxenye esindayo lapho umuntu efa. (Genesise 2:7; Hezekeli 18:4) Umuntu ovuswayo akahlanganiswa nomphefumulo wakhe; udalwa kabusha abe umphefumulo ophilayo.

Iphutha: Abanye abantu bayavuswa bese bebhujiswa ngokushesha.

Iqiniso: IBhayibheli lithi “ababenomkhuba wokwenza okubi” bayovukela “ovukweni lokwahlulelwa.” (Johane 5:29) Nokho, lesi sahlulelo sisekelwe kulokho abakwenza ngemva kokuba bevusiwe, hhayi ngaphambi kwalokho. UJesu wathi: ‘Abafileyo bazolizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu futhi labo abaye balalela bazophila.’ (Johane 5:25) Labo ‘abanaka’ noma abalalela izinto abazifunda ngemva kokuvuswa bazolotshwa ‘emqulwini wokuphila.’—IsAmbulo 20:12, 13.

Iphutha: Lapho umuntu evuswa, uba nomzimba ayenawo ngaphambi kokuba afe.

Iqiniso: Lapho umuntu esefile, cishe umzimba wakhe udliwa yinhlabathi, ushabalale.—UmShumayeli 3:19, 20.