Dlulela kokuphakathi

Kukhona Yini Okushiwo IBhayibheli Ngemishado Yongqingili?

Kukhona Yini Okushiwo IBhayibheli Ngemishado Yongqingili?

Impendulo YeBhayibheli

UMdali wethu wamisa imithetho yemishado esikhathini eside ngaphambi kokuba ohulumeni baqale ukubeka eyabo imithetho. Incwadi yokuqala yeBhayibheli iyasitshela: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.” (Genesise 2:24) Igama lesiHebheru elithi “umkayo,” ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Biblical Words, “lisho umuntu wesifazane.” UJesu wakufakazela ukuthi abantu abangenela umshado kufanele kube “owesilisa nowesifazane.”—Mathewu 19:4.

Ngakho uNkulunkulu wayehlose ukuba umshado ube isibopho esihlala njalo phakathi kowesilisa nowesifazane, esibenza basondelane. Abesilisa nabesifazane badalwe ngendlela yokuba baphelelisane ukuze bakwazi ukwanelisa izidingo zomunye nomunye ezingokomzwelo nezobulili futhi babe nezingane.