Genesise 2:1-25

  • UNkulunkulu uyaphumula ngosuku lwesikhombisa (1-3)

  • UJehova uNkulunkulu, uMenzi wezulu nomhlaba (4)

  • Indoda nowesifazane ensimini yase-Edene (5-25)

    • Umuntu wenziwa ngothuli (7)

    • Isihlahla esinqatshelwe sokwazi (15-17)

    • Ukudalwa kowesifazane (18-25)

2  Ngakho ukudalwa kwamazulu nomhlaba nakho konke okukukho* kwaphela. +  Ngosuku lwesikhombisa, uNkulunkulu wayesewuqedile umsebenzi ayewenzile, waqala ukuphumula ngosuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzi wakhe ayewenzile. +  UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa wathi lungcwele, ngoba wayephumule ngalo ngemva kokudala konke ayekuhlosile.  Lona umlando wamazulu nomhlaba ngesikhathi sokudalwa kwawo, ngosuku uJehova* uNkulunkulu enza ngalo umhlaba nezulu. +  Kwakungakabi bikho sihlahla emhlabeni futhi kwakungakabi bikho zinto ezimilayo ezazihluma, ngoba uJehova uNkulunkulu wayengakayinisi imvula emhlabeni futhi kwakungekho muntu ongalima umhlabathi.  Kodwa kwakukhuphuka inkungu emhlabeni imatise wonke umhlabathi.  UJehova uNkulunkulu wabe esebumba umuntu ngothuli + lomhlabathi wafuthela emakhaleni akhe umoya wokuphila, + umuntu waphila.* +  Ngaphezu kwalokho, uJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene, + ngasempumalanga; wambeka lapho umuntu ayembumbile. +  UJehova uNkulunkulu wenza ukuba kumile emhlabathini zonke izihlahla ezinhle nezifanelekele ukudliwa kanye nesihlahla sokuphila + phakathi nensimu nesihlahla sokwazi okuhle nokubi. + 10  Kwakukhona umfula owawuphuma e-Edene unisela insimu, futhi ukusuka lapho wawuhlukana ube imifula emine. 11  Igama lowokuqala iPhishoni; yiwo ozungeze lonke izwe laseHavila, lapho kukhona khona igolide. 12  Igolide lakulelo zwe lihle. Kukhona nenomfi* yebhedola netshe le-onikisi. 13  Igama lomfula wesibili iGihoni; yiwo ozungeze lonke izwe lakwaKushe. 14  Igama lomfula wesithathu iHidekeli;* + yiwo oya empumalanga ye-Asiriya. + Umfula wesine i-Ewufrathe. + 15  UJehova uNkulunkulu wamthatha umuntu wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime futhi ayinakekele. + 16  UJehova uNkulunkulu wabe esemnika lo myalo umuntu: “Kuzo zonke izihlahla ezisensimini ungadla usuthe. + 17  Kodwa ngokuqondene nesihlahla sokwazi okuhle nokubi ungadli kuso, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuso uyokufa nokufa.” + 18  Ngemva kwalokho uJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu abe yedwa. Ngizomenzela umsizi, abe umphelelisi wakhe.” + 19  Manje uJehova uNkulunkulu wayebumbe ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nazo zonke izilwane ezindizayo zamazulu, waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi ngasinye angasiqamba athini; noma yiliphi igama umuntu ayeliqamba isilwane* ngasinye esiphilayo, kwaba yigama laso. + 20  Ngakho umuntu waziqamba amagama zonke izilwane ezifuywayo nezilwane ezindizayo zamazulu nazo zonke izilwane zasendle, kodwa umuntu wayengenaye umsizi ongumphelelisi wakhe. 21  Ngakho uJehova uNkulunkulu wenza ukuba umuntu ehlelwe ubuthongo obukhulu, kwathi esalele, wathatha olunye lwezimbambo zakhe wabe eseyivala inyama endaweni yalo. 22  UJehova uNkulunkulu wakha ubambo ayeluthathe endodeni lwaba ngowesifazane, wayesemletha endodeni. + 23  Ngemva kwalokho indoda yathi: “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo amiNenyama yenyama yami. Lo uzobizwa ngokuthi yiNdodakazi,Ngoba uthathwe endodeni.” + 24  Yingakho indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo,* babe nyamanye. + 25  Bobabili babelokhu behamba-ze, + indoda nomkayo; kodwa babengenawo amahloni.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “nawo wonke amabutho ako.”
Igama likaNkulunkulu elimhlukanisayo elithi יהוה (YHWH) livela okokuqala. Bheka iSithasiselo A4.
Noma, “waba umphefumulo ophilayo.” NgesiHebheru, neʹphesh, okuyigama elisho “isidalwa esiphefumulayo.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “nenhlaka.”
Noma, “iTigrisi.”
Noma, “umphefumulo.”
Noma, “ihlale nomkayo.”