Dlulela kokuphakathi

Ngemva Kokuvuswa KukaJesu, Ingabe Wayenomzimba Wenyama Noma Womoya?

Ngemva Kokuvuswa KukaJesu, Ingabe Wayenomzimba Wenyama Noma Womoya?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli lithi uJesu ‘wabulawa enyameni, kodwa waphiliswa [wavuswa] emoyeni.’​—1 Petru 3:​18; IzEnzo 13:34; 1 Korinte 15:45; 2 Korinte 5:​16.

Amazwi kaJesu abonisa ukuthi wayengeke abe nomzimba wenyama lapho evuswa. Wathi uzonikela ngomzimba wakhe wenyama “ngenxa yokuphila kwezwe,” njengesihlengo sesintu. (Johane 6:​51; Mathewu 20:28) Ukuthatha umzimba wakhe wenyama lapho evuswa kwakuyombuntshisa leso sihlengo. Nokho, lokhu kwakungeke kwenzeke ngoba iBhayibheli lithi wanikela ngomzimba negazi lakhe “kwaba kanye kuphela.”—Hebheru 9:​11, 12.

Uma uJesu avuswa enomzimba womoya, abafundi bakhe bambona kanjani?

  • Izidalwa zomoya ziyakwazi ukuthatha imizimba yabantu. Ngokwesibonelo, izingelosi ezenza lokhu endulo zazikwazi ngisho ukudla nokuphuza nabantu. (Genesise 18:​1-8; 19:​1-3) Nokho, zaziseyizidalwa zomoya futhi zazikwazi ukuphinde zibuyele ezulwini.​—AbaHluleli 13:15-​21.

  • Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wathatha umzimba wenyama okwesikhashana, njengoba kwakwenza izingelosi ngaphambili. Nokho, njengesidalwa somoya, wayekwazi ukubonakala aphinde anyamalale kungazelelwe. (Luka 24:31; Johane 20:19, 26) Imizimba yenyama ayebonakala ngayo yayingafani. Yingakho ngisho nabangane bakaJesu abaseduze babembona kuphela ngalokho ayekusho noma ayekwenza.​—Luka 24:30, 31, 35; Johane 20:14-​16; 21:​6, 7.

  • Lapho uJesu ebonakala kumphostoli uTomase, wabonakala ngomzimba owawunamanxeba. Wenza lokhu ukuze aqinise ukholo lukaTomase, njengoba uTomase ayengabaza ukuthi uJesu wayevusiwe.​—Johane 20:24-​29.