Eyokuqala KaPetru 3:1-22

  • Amakhosikazi namadoda (1-7)

  • Bonisani ukuzwelana; funani ukuthula (8-12)

  • Ukuhlupheka ngenxa yokulunga (13-22)

    • Nikulungele ukuvikela ithemba eninalo (15)

    • Ubhapathizo nonembeza omuhle (21)

3  Ngendlela efanayo, nina makhosikazi, zithobeni kubayeni benu, + ukuze uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwamakhosikazi abo, +  ngoba bebe ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa + kanye nenhlonipho ejulile.  Ukuhloba kwenu makungabi okwangaphandle—ukwaluka izinwele nokufaka imihlobiso yegolide + noma ukugqoka izingubo ezibizayo—  kodwa makube okomuntu osithekile wenhliziyo ozihlobise ngomoya ongenakonakala onokuthula nobumnene, + ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.  Ngoba yile ndlela abesifazane abangcwele basendulo ababethembela kuNkulunkulu ababezihlobisa ngayo, bezithoba kubayeni babo,  njengoba noSara ayehlonipha u-Abrahama, embiza ngokuthi nkosi. + Seningabantwana bakhe, uma kodwa niqhubeka nenza okuhle futhi ningesabi lutho. +  Ngendlela efanayo, nina madoda, qhubekani nihlala nabo ngokolwazi.* Nibazise + njengezitsha ezibuthakathaka kakhudlwana, abesifazane, njengoba beyizindlalifa kanye nani + zomusa ongafanelwe wokuphila, ukuze imithandazo yenu ingathiyeki.  Ekugcineni, nonke yibani nomqondo ofanayo, *+ nibonise ukuzwelana nothando lobuzalwane, nibe nobubele, + nithobeke. +  Ningabuyiseli okubi ngokubi + noma ukuthukwa ngokuthuka. + Kunalokho, buyiselani ngokubusisa + ngoba nakhethwa nguye ukuba nibusise abanye ukuze anibusise nani. 10  Ngoba “noma ubani ongathanda ukuphila ukuze abone izinto ezinhle, kumelwe aqaphe ulimi lwakhe kokubi + nezindebe zakhe ekukhohliseni. 11  Makafulathele okubi + enze okuhle; + makafune ukuthula azame ukukulondoloza. + 12  Ngoba amehlo kaJehova* akwabalungile, nezindlebe zakhe zilalela ukunxusa kwabo, + kodwa uJehova* umelene nabenza izinto ezimbi.” + 13  Ngempela, ubani oyonilimaza uma nishisekela okuhle? + 14  Ngisho noma ningahlupheka ngenxa yokulunga, niyajabula. + Nokho, into abayesabayo ningayesabi nina* futhi ningakhathazeki. + 15  Kodwa ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nikulungele ukuzivikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba eninalo, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene + nangenhlonipho ejulile. + 16  Zigcineni ninonembeza omuhle, + ukuze uma kwenzeka bekhuluma kabi ngani, labo abakhuluma kabi ngani baphoxeke + ngenxa yokuziphatha kwenu okuhle njengabalandeli bakaKristu. + 17  Ngoba kungcono ukuhlupheka ngoba nenza okuhle, + uma kuyintando kaNkulunkulu ukukuvumela, kunokuhlupheka ngoba nenza okubi. + 18  Phela noKristu wafela izono kwaba kanye kuphela, + umuntu olungile ngenxa yabangalungile, + ukuze aniholele kuNkulunkulu. + Wabulawa enomzimba wenyama + kodwa wavuswa enomzimba womoya. + 19  Ekulesi simo, wahamba washumayeza imimoya eboshiwe, + 20  eyayingalaleli lapho uNkulunkulu elinde ngesineke* ezinsukwini zikaNowa, + ngesikhathi kusakhiwa umkhumbi, + okwathi ngawo abantu abambalwa, okungukuthi, imiphefumulo* engu-8, bathwalwa ngokuphepha emanzini. + 21  Ubhapathizo, oluhambelana nalokhu, nalo manje luyanisindisa, (hhayi ngokususa ukungcola kwenyama, kodwa ngesicelo esenziwa kuNkulunkulu sokuba nonembeza omuhle), + ngokuvuka kukaJesu Kristu. 22  Ungakwesokudla sikaNkulunkulu, + ngoba waya ezulwini, futhi izingelosi namagunya nabanamandla kwenziwa kwamthobela. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “nibacabangela; nibaqonda.”
Noma, “cabangani ngokuvumelana.”
Noma kungaba, “ningazesabi izinsongo zabo.”
NgesiGreki, “lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile.”
Noma, “abantu.”