Eyokuqala KaJohane 2:1-29

  • UJesu, umhlatshelo oyisihlawulelo (1, 2)

  • Ukugcina imiyalo yakhe (3-11)

    • Umyalo omdala nomusha (7, 8)

  • Izizathu zokubhala (12-14)

  • Ningalithandi izwe (15-17)

  • Isixwayiso ngomphik’ ukristu (18-29)

2  Bantwanyana bami, nginibhalela lezi zinto ukuze ningasenzi isono. Nokho, uma umuntu enza isono, sinomsizi* kuBaba, uJesu Kristu, + olungile. +  Ungumhlatshelo oyisihlawulelo *+ wezono zethu, + nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe. +  Sazi ngalokhu ukuthi sesiyamazi, okungukuthi, uma siqhubeka sigcina imiyalo yakhe.  Lowo othi, “Sengiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kulowo muntu.  Kodwa umuntu oligcinayo izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu lwenziwe lwaphelela ngempela kulowo muntu. + Sazi ngalokhu ukuthi simunye naye. +  Lowo othi uhlala emunye naye ungaphansi kwesibopho sokuqhubeka ehamba njengoba nje lowo ahamba. +  Bathandekayo, anginibhaleli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala ebenilokhu ninawo kusukela ekuqaleni. + Lo myalo omdala uyizwi enalizwa.  Ngakolunye uhlangothi, nginibhalela umyalo omusha, oyiqiniso ngokuqondene naye nangokuqondene nani, ngoba ubumnyama buyadlula futhi ukukhanya kweqiniso sekuyakhanya. +  Lowo othi usekukhanyeni kodwa ebe ezonda + umfowabo usesebumnyameni. + 10  Lowo othanda umfowabo uhlala esekukhanyeni, + futhi ayikho into emkhubayo. 11  Kodwa lowo ozonda umfowabo usebumnyameni futhi uhamba ebumnyameni, + akazi nokuthi uyaphi, ngoba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe. + 12  Ngibhalela nina, bantwanyana, ngoba nithethelelwe izono zenu ngenxa yegama lakhe. + 13  Ngibhalela nina, bobaba, ngoba seniyamazi lowo obekhona kusukela ekuqaleni. Ngibhalela nina, zinsizwa, ngoba nimnqobile omubi. + Ngibhalela nina, bantwana, ngoba seniyamazi uBaba. + 14  Ngibhalela nina, bobaba, ngoba seniyamazi lowo obekhona kusukela ekuqaleni. Ngibhalela nina, zinsizwa, ngoba ninamandla + nezwi likaNkulunkulu lihlala kini + futhi nimnqobile omubi. + 15  Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni. + Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye; + 16  ngoba konke okusezweni—isifiso senyama + nesifiso samehlo + nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho*—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni. 17  Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, + kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. + 18  Bantwana, yihora lokugcina, futhi njengoba nje nizwile ukuthi umphik’ ukristu uyeza, + ngisho namanje sekunabaphik’ ukristu abaningi; + okuyiqiniso esazi ngalo ukuthi yihora lokugcina. 19  Baphuma kithi, kodwa babengebona abohlobo lwethu; *+ ukube babengabohlobo lwethu, babeyohlala nathi. Kodwa baphuma ukuze kuboniswe ukuthi akubona bonke abangabohlobo lwethu. + 20  Nina nigcotshwe ngongcwele, + nonke ninolwazi. 21  Anginibhaleli ngoba ningalazi iqiniso, + kodwa ngoba nilazi, nangenxa yokuthi akukho manga avela eqinisweni. + 22  Ngubani ongumqambimanga uma kungeyena lowo ophika ukuthi uJesu unguKristu? + Lowo nguye umphik’ ukristu, + lowo ophika uBaba neNdodana. 23  Wonke umuntu ophika iNdodana akanabo ubunye noBaba. + Kodwa noma ubani ovuma iNdodana + unobunye noBaba futhi. + 24  Kepha nina, lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni kumelwe kuhlale kini. + Uma lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala nimunye neNdodana futhi nimunye noBaba. 25  Ngaphezu kwalokho, nansi into asithembisa yona—ukuphila okuphakade. + 26  Nginibhalela lezi zinto ngokuphathelene nalabo abazama ukunidukisa. 27  Kepha nina, ukugcotshwa enakwamukela kuye + kuhlala kini, futhi anidingi muntu ukuba anifundise; kodwa ukugcotshwa okuvela kuye kunifundisa zonke izinto, + futhi kuyiqiniso akuwona amanga. Njengoba nje kunifundisile, hlalani nimunye naye. + 28  Ngakho-ke, bantwanyana, hlalani nimunye naye, ukuze lapho ebonakaliswa sibe nenkululeko yokukhuluma + futhi singamshalazeli sinamahloni ekubeni khona kwakhe. 29  Uma nazi ukuthi ulungile, niyazi nokuthi wonke umuntu owenza ukulunga uzelwe nguye. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “sinommeli.”
Noma, “Ungumhlatshelo ohlawulela; Uyinhlawulo.”
Noma, “nokuqhosha ngezinto umuntu anazo.”
Noma, “babengebona abethu.”