Eyokuqala KwabaseKorinte 9:1-27

  • Isibonelo sikaPawulu njengomphostoli (1-27)

    • “Ungayivali umlomo ngesifonyo inkabi” (9)

    • ‘Maye kimi uma ngingashumayeli!’ (16)

    • Ukuba yizinto zonke kubo bonke abantu (19-23)

    • Ukuzithiba emncintiswaneni wokuphila (24-27)

9  Angikhululekile yini? Angiyena yini umphostoli? Angimbonanga yini uJesu iNkosi yethu? + Aniwona yini umsebenzi wami eNkosini?  Ngisho noma ngingeyena umphostoli kwabanye, ngokuqinisekile nginguye kini! Ngoba niwuphawu oluqinisekisa ubuphostoli bami eNkosini.  Ukuzivikela kwami kulabo abangihlolayo yilokhu:  Sinalo ilungelo* lokudla nokuphuza, akunjalo?  Sinalo ilungelo lokuhamba nenkosikazi ekholwayo, + njengabo bonke abanye abaphostoli nabafowabo beNkosi + noKhefase, *+ akunjalo?  Noma, ingabe yimi noBarnaba + kuphela abangenalo ilungelo lokuyeka umsebenzi wokuziphilisa?  Yiliphi isosha elike likhonze ngezindleko zalo siqu? Ubani otshala insimu yamagilebhisi kodwa angasidli isithelo sayo? + Noma, ubani owalusa umhlambi kodwa angaluphuzi ubisi lomhlambi?  Ingabe ngikhuluma lezi zinto ngokombono wabantu? Noma ingabe uMthetho nawo awuzisho lezi zinto?  Ngoba kulotshiwe eMthethweni KaMose: “Ungayivali umlomo ngesifonyo inkabi lapho ibhula ukudla okusanhlamvu.” + Ingabe yizinkabi uNkulunkulu azikhathalelayo? 10  Noma ingabe lokhu ukusho ngenxa yethu? Ngempela kwalotshwa ngenxa yethu, ngoba umuntu olimayo nomuntu obhulayo kufanele benze kanjalo benethemba lokuba badle. 11  Uma sihlwanyele izinto ezivela kuNkulunkulu kini, kungaba kubi yini ukuthola izinto zokunakekela izidingo zethu kini? + 12  Uma abanye abantu benaleli lungelo phezu kwenu, asinalo yini nakakhulu thina? Noma kunjalo, thina asilisebenzisanga leli lungelo, *+ kodwa sibekezelela zonke izinto, ukuze singaphazamisi izindaba ezinhle ezimayelana noKristu nganoma iyiphi indlela. + 13  Anazi yini ukuthi amadoda enza imisebenzi engcwele adla izinto zasethempelini, nokuthi lawo akhonza njalo e-altare athola okuthile okuvela e-altare? + 14  Ngale ndlela futhi, iNkosi yayala ukuba labo abamemezela izindaba ezinhle baphile ngezindaba ezinhle. + 15  Kodwa mina angisebenzisanga nelilodwa lalawa malungiselelo. + Ngempela, lezi zinto angizilobelanga ukuba lokhu kwenziwe kimi, ngoba bekungaba ngcono ukuba ngife kunokuba ngivumele umuntu angiphuce isizathu sami sokuziqhayisa! + 16  Manje uma ngimemezela izindaba ezinhle, leso akusona isizathu sokuba ngiziqhayise, ngoba nginesibopho. Empeleni, maye kimi uma ngingazimemezeli izindaba ezinhle! + 17  Uma lokhu ngikwenza ngokuzithandela, nginomvuzo; kodwa ngisho noma ngikwenza ngingathandi, ngisenawo umsebenzi engiwuphathisiwe. + 18  Uyini-ke umvuzo wami? Uwukuthi lapho ngimemezela izindaba ezinhle, ngizimemezele ngaphandle kwenkokhiso, ukuze ngingalisebenzisi kabi igunya* lami ezindabeni ezinhle. 19  Ngoba nakuba ngikhululekile kubo bonke abantu, ngiye ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abantu abaningi ngangokunokwenzeka. 20  KumaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze amaJuda; + kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, nakuba mina ngokwami ngingekho phansi komthetho, ukuze ngizuze labo abaphansi komthetho. + 21  Kulabo abangenawo umthetho ngaba njengongenawo umthetho, nakuba ngingeyena ongenawo umthetho ngakuNkulunkulu kodwa ngiphansi komthetho ngakuKristu, + ukuze ngizuze labo abangenawo umthetho. 22  Kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka. + Ngiye ngaba yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo, ukuze ngazo zonke izindlela ngisindise abathile. 23  Kodwa ngenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze ngizihlanganyele nabanye. + 24  Anazi yini ukuthi emncintiswaneni abagijimi bagijima bonke, kodwa munye kuphela owamukela umklomelo? Gijimani ngendlela yokuba niwuthole. + 25  Wonke umuntu ongenela umncintiswano* uyazithiba ezintweni zonke. Yiqiniso, bona bakwenza ukuze bathole umqhele owonakalayo, + kodwa thina ongonakali. + 26  Ngakho-ke, indlela engigijima ngayo akuyona engenanjongo; + indlela engiqondisa ngayo amagalelo ami ingeyokuba ngingashayi umoya; 27  kodwa ngiyawutuba* umzimba wami + futhi ngiwuphatha njengesigqila, ukuze kuthi ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki* ngandlela-thile.

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “igunya.”
Obuye abizwe ngokuthi uPetru.
NgesiGreki, “gunya.”
Noma, “amalungelo.”
Noma, “Bonke abagijimi.”
Noma, “ngiyawujezisa; ngiyawuqeqesha.”
Noma, “ngingakhishwa kuwo.”