Eyesibili KaPetru 2:1-22

  • Kuyoba khona abafundisi bamanga (1-3)

  • Abafundisi bamanga bayokwahlulelwa nakanjani (4-10a)

    • Izingelosi ziphonswa eThartharusi (4)

    • Uzamcolo; iSodoma neGomora (5-7)

  • Izinto ababonakala ngazo abafundisi bamanga (10b-22)

2  Nokho, kwaba khona nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengoba beyoba khona abafundisi bamanga naphakathi kwenu. + Laba bayongenisa ngesinyenyela amahlelo ayoqeda ukholo lwenu futhi bayophika ngisho nomnikazi owabathenga, + ngenxa yalokho bayobhujiswa ngokushesha.  Ngaphezu kwalokho, abaningi bayolandela izenzo zabo zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, *+ futhi ngenxa yabo indlela yeqiniso iyohlanjalazwa. +  Ngobugovu bayonixhaphaza ngamazwi enkohliso. Kodwa isahlulelo sabo, esanqunywa kudala, + asibahambeli kancane futhi ukubhujiswa kwabo akozeli. +  Ngokuqinisekile uNkulunkulu akayekanga ukujezisa izingelosi ezona, + kodwa waziphonsa eThartharusi, *+ ezibopha ngamaketanga* obumnyama obukhulu ukuze zigcinelwe ukwahlulelwa. +  Akayekanga nokujezisa izwe lasendulo, + kodwa wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, + ephephile nabanye abayisikhombisa + lapho eletha uzamcolo ezweni labantu abangamhloniphi uNkulunkulu. +  Futhi washisa amadolobha aseSodoma naseGomora aba umlotha, wawalahla, + ebekela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo. +  Wakhulula uLoti olungile, + owayecindezeleke kakhulu ngenxa yokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo* kwabantu abangenamthetho—  ngoba usuku nosuku lowo muntu olungile wayehlupha umphefumulo* wakhe olungile ngenxa yezenzo zokungabi namthetho azibona nazizwa ngesikhathi esahlala phakathi kwabo.  Ngakho uJehova* uyayazi indlela yokubakhulula ekulingweni abantu abazinikele kuye, + kodwa agcine abantu abangalungile ukuze babhujiswe* ngosuku lokwahlulelwa, + 10  ikakhulukazi labo abazitika ngocansi nabanye ukuze babangcolise + kanye nalabo abangalihloniphi igunya. *+ Njengoba benamagangangozi futhi benenkani, abesabi ukuhlambalaza abakhazimulayo, 11  kanti izingelosi, nakuba zinezikhwepha namandla amakhulu kunabo, aziziletheli icala ngamazwi ahlambalazayo, ngenxa yokuhlonipha* uJehova. *+ 12  Kodwa laba bantu, njengezilwane ezingenangqondo ezilandela umuzwa wemvelo* futhi ezizalelwa ukuba zibanjwe zibulawe, bakhuluma amazwi okuhlambalaza ngezinto abangenalwazi ngazo. + Bayobhujiswa ngenxa yenkambo yabo embi, 13  bajeziswe njengomphumela wezenzo zabo ezimbi. Bakubheka njengenjabulo ukuphila ngokunethezeka + ngisho nasemini. Bangamabala nezisihla, bajabula* ezimfundisweni zabo zokukhohlisa kuyilapho bedla emadilini kanye nani. + 14  Banamehlo agcwele ukuphinga + futhi abakwazi ukuyeka isono, bayenga abangagxilile. Banezinhliziyo eziqeqeshelwe ukuhaha. Bangabantwana abaqalekisiwe. 15  Bashiye indlela eqondile, badukiswa. Baye balandela indlela kaBhalami, + indodana kaBheyori, owathanda umvuzo ayezowuthola ngokwenza okubi, + 16  kodwa wasolwa ngokwaphula kwakhe lokho okwakulungile. + Isilwane esithwalayo esingenazwi, sikhuluma ngezwi lomuntu, sanqanda inkambo yobuhlanya yalowo mprofethi. + 17  Laba bayimithombo engenamanzi, nenkungu eqhutshwa isivunguvungu esinamandla, futhi babekelwe ubumnyama obukhulu. + 18  Bakhuluma amazwi okuzikhukhumeza angasizi ngalutho. Ngezifiso zenyama + nangezenzo zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo,* bayenga abantu abasanda kuphunyuka kulabo abaphila esonweni. + 19  Nakuba bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokonakala; + ngoba noma ­ubani onqotshwa omunye, uyisigqila sakhe. *+ 20  Ngokuqinisekile uma ngemva kokuphunyuka ekungcoleni kwezwe + ngolwazi olunembile ngeNkosi noMsindisi uJesu Kristu, bephinda behileleka kuzo kanye lezi zinto futhi benqotshwa, izimo zabo zokugcina sezizimbi kakhulu kunezokuqala. + 21  Bekuyoba ngcono ukuba babengayazanga ngokunembile indlela yokulunga kunokuthi ngemva kokuyazi, bafulathele umyalo ongcwele abawuthola. + 22  Kwenzeke kubo isaga esiyiqiniso esithi: “Inja ibuyele emhlanzweni wayo,* nengulube yensikazi ebigeziwe ibuyele ekuzigingqeni odakeni.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “izenzo zabo zokuziphatha okuyichilo.” Inkulumo esebuningini yegama lesiGreki elithi a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “emigodini.”
Noma, “yokuziphatha okuyichilo.” NgesiGreki, a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiGreki “banqunywe.”
Noma, “ababubukela phansi ubukhosi.”
Noma, “yokuhlonipha phambi.”
Noma, “ezingenangqondo ngokwemvelo.”
Noma, “bathola injabulo echichimayo.”
Noma, “nangezenzo zokuziphatha okuyichilo.” Inkulumo esebuningini yegama lesiGreki elithi a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “onqotshwa okuthile, uyisigqila sako.”
Noma, “ebuhlanzweni bayo.”