AmaHubo 142:1-7

  • Umthandazo wokucela ukukhululwa kubashushisi

    • “Akukho lapho ngingabalekela khona” (4)

    • “Uwukuphela komuntu enginaye” (5)

Imaskili* likaDavide lapho esemhumeni. + Umthandazo. 142  Ngezwi lami, ngicela usizo kuJehova; +Ngezwi lami, ngincenga uJehova ukuba angibonise umusa.   Ngithululela ukukhathazeka kwami kuye;Ngimtshela ngokucindezeleka kwami +   Lapho umoya wami udangala* ngaphakathi kimi. Khona-ke wena uqapha indlela yami. + Endleleni engihamba kuyo,Bangifihlela isicupho.   Bheka ngasesandleni sami sokudla uboneUkuthi akekho noyedwa onendaba nami. *+ Akukho lapho ngingabalekela khona; +Akekho noyedwa ozikhathaza ngami.   O Jehova, ngilucela kuwe usizo. Ngithi: “Wena uyisiphephelo sami, +Uwukuphela komuntu enginaye* ezweni labaphilayo.”   Lalela lapho ngikhalela usizo,Ngoba ngithotshiswe kakhulu. Ngikhulule kulabo abangishushisayo, +Ngoba banamandla kunami.   Ngikhiphe* ejeleUkuze ngidumise igama lakho. Kwangathi abalungile bangangizungezaNgoba ungiphatha ngomusa.

Imibhalo yaphansi

Noma, “amandla ami ephela.”
NgesiHebheru, “ongiqaphelayo.”
NgesiHebheru, “Uyisabelo sami.”
Noma, “Khipha umphefumulo wami.”