UHoseya 13:1-16

  • U-Efrayimi okhonza izithombe wamkhohlwa uJehova (1-16)

    • “Luphi udosi lwakho Kufa?” (14)

13  “Lapho u-Efrayimi ekhuluma, abantu babethuthumela;Wayevelele kwa-Israyeli. + Kodwa waba necala ngokuphathelene noBhali + futhi wafa.   Manje bayanezela esonweni saboBenza izithombe zensimbi* ngesiliva labo; +Benza izithixo ngobuchule, wonke umsebenzi wezingcweti. Bathi kuzo, ‘Abantu abenza imihlatshelo mabaqabule amathole.’ +   Ngakho-ke bayoba njengamafu asekuseni,Njengamazolo aphela ekuseni,Njengamakhoba apheshulwa umoya onamandla esibuyeni,Nanjengentuthu ephuma embotsheni yophahla.   Kodwa mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kusukela ezweni laseGibhithe; +Akukho Nkulunkulu owawumazi ngaphandle kwami,Ngaphandle kwami akukho msindisi. +   Ngakwazi ehlane, + ezweni lesomiso.   Amadlelo abo ayebanelisa, +Baneliseka futhi inhliziyo yabo yaqhosha. Ngakho bangikhohlwa. +   Ngizoba njengebhubesi eliselincane kubo, +Njengengwe ecuthe endleleni.   Ngizobathelekela njengebhere elilahlekelwe amawundlu alo,Ngizodabula isifuba sabo sivuleke. Ngizobashwabadela lapho njengebhubesi;Isilwane sasendle sizobadwengula babe izicucu.   Sizokuqothula Israyeli,Ngoba wangijikela, wamelana nomsizi wakho. 10  Iphi-ke inkosi yakho, ukuze ikusindise kuwo wonke amadolobha akho, +Nababusi* bakho, owathi ngabo kimi,‘Nginike inkosi nezikhulu’? + 11  Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami, +Futhi ngizoyisusa ngokufutheka kwami. + 12  Isiphambeko sika-Efrayimi sisongiwe;Isono sakhe sigciniwe. 13  Imihelo yokubeletha izomfikela. Kodwa uyingane engahlakaniphile;Lapho sekuyisikhathi sokuba izalwe ayifuni ukuphuma. 14  Ngizobakhulula emandleni eThuna;*Ngizobabuyisa ekufeni. + Luphi udosi lwakho Kufa? + Iphi imbubhiso yakho Thuna? + Ngeke ngilubonise uzwela. 15  Ngisho noma angachuma phakathi kwemihlanga,Kuyofika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova,Uvela ehlane ukuze womise umthombo wakhe ushise nesiphethu sakhe. Lowo uyophanga ingcebo eyizo zonke izinto zakhe eziyigugu. + 16  ISamariya liyobekwa icala, + ngoba lidlubulundile kuNkulunkulu walo. + Liyowa ngenkemba, +Abantwana balo bayophihlizwa babe izicucu,Nabesifazane balo abakhulelwe bayoqhaqhwa bavuleke.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “ezenziwe ngokuncibilikisiwe.”
NgesiHebheru, “Nabahluleli.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.