U-Isaya 42:1-25

  • Inceku kaNkulunkulu nesabelo sayo (1-9)

    • ‘NginguJehova igama lami’ (8)

  • Ingoma entsha yokudumisa uJehova (10-17)

  • U-Israyeli uyimpumputhe futhi uyisithulu (18-25)

42  Bheka! Inceku yami + engiyisekelayo! Okhethiwe wami + engimamukele! + Ngifake umoya wami kuye; +Uyoletha ubulungisa ezizweni. +   Ngeke amemeze noma aphakamise izwi lakhe,Nasemgwaqweni ngeke alizwakalise izwi lakhe. +   Akukho mhlanga ofohlokile ayowuphula,Akukho ntambo elokozayo ayoyicima. + Uyokhipha ubulungisa ngokwethembeka. +   Ngeke adangale noma afohlozwe kuze kube yilapho eletha ubulungisa emhlabeni; +Iziqhingi ziyoqhubeka zilindele umthetho wakhe.*   Yilokhu uNkulunkulu weqiniso, uJehova, akushoyo,UMdali wamazulu oMkhulu owawelula, +Lowo owendlala umhlaba nomkhiqizo wawo, +Lowo owenza abantu abakuwo baphefumule +Nonika labo abahamba kuwo umoya: +   “Mina, Jehova, ngikubize ngokulunga;Ngibambe isandla sakho. Ngizokulonda, ube yisivumelwano phakathi kwami nabantu +Ube ngukukhanya kwezizwe, +   Ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, +Ukhiphe isiboshwa ejele, Ukhiphe abahlezi ebumnyameni ejele. +   NginguJehova. Yilelo igama lami;Anginiki muntu inkazimulo yami,*Noma izithombe ezibaziwe udumo lwami. +   Izinto zokuqala bheka sezenzekile;Manje ngimemezela izinto ezintsha. Nginitshela ngazo zingakaveli.” + 10  Culelani uJehova ingoma entsha, +Ingoma yokumdumisa kusukela emikhawulweni yomhlaba, +Nina enehlela olwandle nani nonke enilugcwalisile,Nina ziqhingi nani enihlala kuzo. + 11  Ihlane namadolobha alo makumemeze, +Imizi okuhlala kuyo abakwaKhedari. + Abahlala edwaleni mabamemeze ngenjabulo;Mabamemeze kakhulu beseziqongweni zezintaba. 12  Mabanike uJehova inkazimuloMabazise ngodumo lwakhe eziqhingini. + 13  UJehova uyophuma njengendoda enamandla. + Uyovusa intshiseko yakhe njengeqhawe. + Uyomemeza, yebo, uyomemeza ukumemeza kwempi;Uyozibonisa enamandla ngaphezu kwezitha zakhe. + 14  “Ngithule isikhathi eside. Ngangilokhu ngithule ngizibambile. Njengowesifazane obelethayo,Ngizobubula, ngihefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye. 15  Ngizobhuqa izintaba namagqumaNgomise zonke izimila zawo. Ngizophendula imifula ibe yiziqhingi*Ngomise namachibi anomhlanga. + 16  Ngizohola izimpumputhe endleleni ezingayazi +Ngizihambise ngezindlela ezingajwayelekile. + Ngizophendula ubumnyama obuphambi kwazo bube ngukukhanya +Nendawo emagebhugebhu ibe yizwe eliqondile. + Yilokhu engizozenzela kona, futhi ngeke ngizishiye.” 17  Bazobuyiselwa emuva, bazohlazeka kakhulu,Labo abathembela ezithombeni ezibaziwe,Labo abathi ezithombeni zensimbi:* “Ningonkulunkulu bethu.” + 18  Yizwani, nina zithulu;Bhekani ukuze nibone, nina zimpumputhe. + 19  Ngubani oyimpumputhe, ngaphandle kwenceku yami,Oyisithulu njengesithunywa sami engisithumayo? Ngubani oyimpumputhe njengalowo othole umvuzo,Oyimpumputhe njengenceku kaJehova? + 20  Nibona izinto eziningi kodwa aninaki. Nivula izindlebe zenu kodwa anilaleli. + 21  Ngenxa yokulunga kwakhe,UJehova ukujabulele ukwenza umthetho* ube mkhulu nokuwenza ukhazimule. 22  Kodwa lesi yisizwe esiphangiwe nesiphundliwe; +Bonke babambeke emigodini futhi bafihlwe emajele. + Baphangiwe kungekho ozobakhulula, +Baphundliwe kungekho othi: “Buyisa!” 23  Ngubani phakathi kwenu ozolalela lokhu? Ngubani ozonaka futhi alalelele isikhathi esizayo? 24  Ngubani onikele uJakobe ukuba aphundlweNo-Israyeli kubaphangi? Akuyena yini uJehova, Lowo esone kuye? Abafunanga ukuhamba ezindleleni zakhe,Abazange bawulalele umthetho wakhe. *+ 25  Ngakho waqhubeka ethululela phezu kuka-Israyeli ulaka,Intukuthelo yakhe nolaka lwempi. + Lwaqothula yonke into emzungezile, kodwa akanakanga. + Lwamvuthela kodwa wayengakubeki lokho enhliziyweni. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “isiqondiso sakhe.”
Noma, “Inkazimulo yami angiyihlanganyeli nomunye umuntu.”
Noma, “izindawo ezigudle ulwandle.”
Noma, “ezenziwe ngokuncibilikisiwe.”
Noma, “isiqondiso.”
Noma, “basilalele isiqondiso sakhe.”