IzAga 21:1-31

  • UJehova uqondisa inhliziyo yenkosi (1)

  • Ubulungisa bungcono kunomhlatshelo (3)

  • Ukukhuthala kuholela empumelelweni (5)

  • Umuntu ongamlaleli ophansi ngeke alalelwe (13)

  • Akukho ukuhlakanipha okumelene noJehova (30)

21  Inhliziyo yenkosi injengemifudlana yamanzi esandleni sikaJehova. + Uyiqondisa noma kuphi lapho ethanda khona. +   Zonke izindlela zomuntu zibonakala zilungile kuye, +Kodwa uJehova uhlola izinhliziyo. *+   Ukwenza okulungile nokunobulungisaKumjabulisa kakhulu uJehova kunomhlatshelo. +   Amehlo azidlayo abantu ababi nenhliziyo yabo ezikhukhumezayoKuyisibani esikhanyisa indlela yabo futhi lezi zinto ziyisono. +   Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele, *+ Kodwa bonke abanamawala ngokuqinisekile bazifaka ekuhluphekeni. +   Ukuthola ingcebo ngokuqamba amangaKunjengenkungu eshabalalayo, ugibe olubulalayo. *+   Ubudlova babantu ababi buyobaqothula +Ngoba bayenqaba ukwenza ngobulungisa.   Indlela yomuntu onecala igwegwile,Kodwa imisebenzi yomuntu omsulwa iqotho. +   Kungcono ukuhlala echosheni lophahlaKunokuhlala endlini eyodwa nomfazi othanda ingxabano. *+ 10  Omubi ufisa okubi; +Akambonisi umusa umakhelwane wakhe. + 11  Lapho umhleki wosulu ejeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha,Nalapho umuntu ohlakaniphile ethola ukuqondisisa, uthola ulwazi. *+ 12  Olungile* uyayibona indlu yomubi;Wenza ababi behlelwe inhlekelele. + 13  Noma ubani ovala indlebe yakhe ukuze angakuzwa ukukhala komuntu ophansiNaye uyobiza angaphendulwa. + 14  Isipho esenziwa ekusithekeni sinciphisa intukuthelo, +Nesifumbathiso esikhishwa ekusithekeni* sidambisa ulaka oluvuthayo. 15  Kuyinjabulo kolungile ukwenza ubulungisa, +Kodwa kuyinto embi kulabo abenza okubi. 16  Umuntu ophambukayo endleleni yokuqondaUyophumula nabangenamandla ekufeni. + 17  Othanda ubumnandi* uyoba mpofu; +Othanda iwayini namafutha ngeke acebe. 18  Omubi uyisihlengo solungile,Nowenza ngokukhohlisa kuyothathwa yena esikhundleni soqotho. + 19  Kungcono ukuhlala ehlaneKunokuhlala nomfazi othanda ingxabano* nosheshe acasuke. + 20  Ingcebo eyigugu namafutha kutholakala endlini yomuntu ohlakaniphile, +Kodwa umuntu oyisiphukuphuku uyokusaphaza* lokho anakho. + 21  Noma ubani ophishekela ukulunga nothando oluqothoUyothola ukuphila, ukulunga nodumo. + 22  Ohlakaniphile wenyuka ngezindonga zedolobha* labanamandlaAqede amandla abathembele kuwo. + 23  Oqapha umlomo wakhe nolimi lwakheAkangeni ezinkingeni. + 24  Umuntu owenza ngokungacabangi, ophamazelayo kuthiwaUyagabadela, + uyazikhukhumeza futhi uyazazisa. 25  Lokho ivila elikufisayo kuyolibulala,Ngoba izandla zalo azifuni ukusebenza. + 26  Usuku lonke ngobugovu lihahela izinto ezengeziwe,Kodwa olungile uyapha, akagodli lutho. + 27  Umhlatshelo womubi uyanengeka. + Kakhulu kangakanani-ke uma ewunikela ngezinhloso ezimbi.* 28  Ufakazi oqamba amanga uyoshabalala, +Kodwa umuntu olalelayo uyofakaza ngempumelelo.* 29  Umuntu omubi wenza abanye bacabange ukuthi unesibindi, +Kodwa yindlela yoqotho eqinisekile. *+ 30  Akukho ukuhlakanipha, ukuqonda noma iseluleko esingamelana noJehova. + 31  Ihhashi lilungiselelwa usuku lwempi, +Kodwa insindiso ekaJehova. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “izisusa.”
Noma, “ayamzuzisa.”
Noma kungaba, “kulabo abafuna ukufa.”
Noma, “oyisicefe; obeleselayo.”
Noma, “uyakwazi okumelwe akwenze.”
Okuwukuthi, uNkulunkulu.
NgesiHebheru, “Nesifumbathiso esifubeni.”
Noma, “injabulo.”
Noma, “oyisicefe; obeleselayo.”
NgesiHebheru, “uyokugwinya.”
Noma, “unqoba idolobha.”
Noma, “ebe eziphatha ngokuhlazisayo.”
NgesiHebheru, “uyokhuluma kuze kube phakade.”
Noma, “ngoqotho owenza indlela yakhe iqiniseke.”