IzEnzo ZabaPhostoli 10:1-48

  • Umbono kaKorneliyu (1-8)

  • Umbono kaPetru wezilwane ezihlanziwe (9-16)

  • UPetru uvakashela uKorneliyu (17-33)

  • UPetru umemezela izindaba ezinhle kwabeZizwe (34-43)

    • “UNkulunkulu akakhethi” (34, 35)

  • Abantu bezizwe bamukela umoya ongcwele futhi bayabhapathizwa (44-48)

10  Kwakukhona umuntu eKhesariya ogama lakhe linguKorneliyu, isikhulu sebutho* esasiphethe iviyo lase-Italiya.*  Wayengumuntu ozinikele owesaba uNkulunkulu, yena nayo yonke indlu yakhe, wayenzela abantu izipho eziningi zesihe futhi enxusa njalo kuNkulunkulu.  Cishe ngehora lika-9 + losuku,* wabona ngokucacile embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena iza kuye ithi: “Korneliyu!”  UKorneliyu wayigqolozela, ethukile, wayibuza wathi: “Kwenzenjani Nkosi?” Yathi kuye: “Imithandazo yakho nezipho zakho zesihe kunyukile kwaba njengesikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu. +  Ngakho manje thuma amadoda eJopha ubize indoda egama layo linguSimoni ebizwa ngokuthi uPetru.  Lo muntu uvakashele* uSimoni umshuki wezikhumba, endlini yakhe engasolwandle.”  Lapho nje ingelosi ebikhuluma naye ihamba, wabiza izinceku zakhe ezimbili nesosha elizinikele,  wabalandisa konke, wayesebathuma eJopha.  Ngosuku olulandelayo njengoba beqhubeka nohambo lwabo futhi besondela edolobheni, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu cishe ngehora lesithupha* eyothandaza. 10  Kodwa walamba kakhulu, wafuna ukudla. Lapho besalungisa ukudla, wabona umbono, + 11  wabona izulu livulekile, kwehla okuthile* okunjengendwangu enkulu yelineni yehliselwa emhlabeni ngamakhona ayo amane; 12  kukho kwakukhona zonke izinhlobo zezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo* zomhlaba nezinyoni zezulu. 13  Izwi lathi kuye: “Vuka Petru, hlaba udle!” 14  Kodwa uPetru wathi: “Lutho neze Nkosi, ngoba angikaze ngidle noma yini engcolile nengahlanzekile.” + 15  Izwi laphinde lakhuluma naye okwesibili lathi: “Yeka ukubiza izinto uNkulunkulu azihlanzile ngokuthi zingcolile.” 16  Lokhu kwenzeka okwesithathu, masinyane kwanyuselwa* ezulwini. 17  Ngesikhathi uPetru esadidekile ngokuthi lo mbono ayewubonile ungase usho ukuthini, ngaso leso sikhathi, amadoda ayethunywe uKorneliyu abuza ukuthi yayikuphi indlu kaSimoni futhi ama lapho esangweni. + 18  Amemeza abuza ukuthi uSimoni owayebizwa ngokuthi uPetru wayevakashe khona yini. 19  Njengoba uPetru ayesacabanga ngalo mbono, umoya + wathi: “Kukhona amadoda amathathu akufunayo. 20  Vuka, wehlele phansi uhambe nawo, ungangabazi neze, ngoba ngiwathumile.” 21  UPetru wehlela phansi kulawo madoda wathi: “Yimina enimfunayo. Nizokwenzani lapha?” 22  Athi: “UKorneliyu, + isikhulu sebutho, indoda elungile neyesaba uNkulunkulu futhi ekhulunyelwa kahle yiso sonke isizwe samaJuda, unikwe iziyalezo zaphezulu yingelosi engcwele zokuba athumele ukuba ubizwe uze endlini yakhe, ezwe lokho ozokusho.” 23  Ngakho wawamema aba izivakashi zakhe. Ngosuku olulandelayo wavuka wahamba nawo, nabanye kubazalwane baseJopha bahamba naye. 24  Ngosuku olulandelayo wangena eKhesariya. Njengokulindelekile, uKorneliyu wayebalindele futhi ebize izihlobo zakhe nabangane abaseduze. 25  Njengoba uPetru engena, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ezinyaweni zakhe wamkhothamela. 26  Kodwa uPetru wamphakamisa, wathi: “Vuka; nami ngiwumuntu nje.” + 27  Njengoba exoxa naye, wangena wathola abantu abaningi behlangene. 28  Wathi kubo: “Nazi kahle ukuthi akukho emthethweni ukuba umJuda azihlanganise nomuntu wolunye uhlanga noma asondele kuye, + nokho uNkulunkulu ungibonisile ukuthi akekho umuntu okufanele ngithi kuye ungcolile noma akahlanzekile. + 29  Ngakho angalanga lapho kuthunyelwa ukuba ngilandwe. Yingakho ngibuza isizathu sokuthumela kwenu ukuba ngilandwe.” 30  UKorneliyu wathi: “Ezinsukwini ezine ezidlule uma ngibala kusukela kuleli hora, bengithandaza endlini yami ngehora lika-9,* kuthe kusenjalo indoda egqoke izingubo ezikhanyayo yama phambi kwami 31  yathi: ‘Korneliyu, umthandazo wakho uzwakele, nezipho zakho zesihe zikhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu. 32  Ngakho thumela umyalezo eJopha ubize uSimoni, obizwa ngokuthi uPetru. Lo muntu uyisivakashi endlini kaSimoni, umshuki wezikhumba, ohlala ngasolwandle.’ + 33  Ngabe sengithumela umyalezo kuwe ngaso leso sikhathi, futhi wenze kahle ngokuza lapha. Manje sonke silapha phambi kukaNkulunkulu ukuze sizwe zonke izinto oyalwe nguJehova* ukuba uzisho.” 34  UPetru wavula umlomo wakhe wathi: “Manje sengiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, + 35  kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo nowenza okulungile uyamukeleka kuye. + 36  UNkulunkulu wathumela izwi lakhe kubantwana bakwa-Israyeli ukuze amemezele kubo izindaba ezinhle zokuthula + ngoJesu Kristu—lona uyiNkosi yabo bonke. + 37  Niyayazi indaba okwakukhulunywa ngayo kulo lonke elaseJudiya, kusukela eGalile + ngemva kobhapathizo uJohane ayeshumayela ngalo: 38  mayelana noJesu waseNazaretha, indlela uNkulunkulu amgcoba ngayo ngomoya ongcwele + nangamandla, futhi walihamba lonke izwe enza okuhle, elapha bonke abacindezelwe uDeveli, + ngoba uNkulunkulu wayenaye. + 39  Thina singofakazi bazo zonke izinto azenza kokubili ezweni lamaJuda naseJerusalema; kodwa bambulala ngokumlengisa esigxotsheni.* 40  UNkulunkulu wamvusa lo ngosuku lwesithathu, + wamvumela ukuba abonakale, 41  hhayi kubo bonke abantu, kodwa kofakazi abamiswa uNkulunkulu kusengaphambili, kithi, esadla futhi saphuza naye ngemva kokuvuka kwakhe kwabafile. + 42  Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele + bokuthi lo nguye uNkulunkulu anquma ukuba abe umahluleli wabaphilayo nabafile. + 43  Bonke abaprofethi bafakaza ngaye, + ukuthi wonke umuntu oba nokholo kuye uthethelelwa izono ngegama lakhe.” + 44  Lapho uPetru esakhuluma ngalezi zindaba, umoya ongcwele wehlela kubo bonke ababezwa izwi. + 45  Amakholwa* asokile ayeze noPetru amangala, ngoba isipho samahhala somoya ongcwele sasithululelwe naphezu kwabantu bezizwe. 46  Ngoba babezwa bekhuluma ngezilimi zabezinye izizwe* futhi bedumisa uNkulunkulu. + UPetru wayesethi: 47  “Ukhona yini ongenqaba namanzi ukuze bangabhapathizwa + laba abamukele umoya ongcwele njengoba nje nathi siwamukele?” 48  Khona manjalo wabayala ukuba babhapathizwe egameni likaJesu Kristu. + Khona-ke bamcela ukuba ahlale izinsuku ezithile.

Imibhalo yaphansi

Isikhulu sebutho esiphethe amasosha angu-100.
Ibutho lamaRoma elinamasosha angu-600.
Okuwukuthi, ngabo-3:00 ntambama.
Noma, “ubungazwa.”
Okuwukuthi, ngabo-12:00 emini.
NgesiGreki, “uhlobo oluthile lwesitsha.”
Noma, “nezinto ezihuquzelayo.”
NgesiGreki, “isitsha sanyuselwa.”
Okuwukuthi, ngabo-3:00 ntambama.
Noma, “esihlahleni.”
Noma, “Abathembekile.”
NgesiGreki, “ngezilimi.”