uJobe 12:1-25

  • Impendulo kaJobe (1-25)

    • “Angikho ezingeni eliphansi kwelenu” (3)

    • “Sengiyinhlekisa” (4)

    • ‘UNkulunkulu uhlakaniphile’ (13)

    • UNkulunkulu ungaphezu kwabahluleli namakhosi (17, 18)

12  UJobe waphendula wathi:   “Ngempela yinina abantu abaziyo,*Futhi ukuhlakanipha kuyofa nani!   Kodwa nami nginakho ukuqonda.* Angikho ezingeni elingaphansi kwelenu. Ubani ongazazi lezi zinto?   Sengiyinhlekisa kubangane bami, +Ngoba ngibiza uNkulunkulu futhi ngilindele ukuba angiphendule. + Umuntu olungile nongasoleki uyinhlekisa.   Inhlekelele iyadeleleka kumuntu ongenazinkinga,Ucabanga ukuthi yehlela kuphela labo abanezinyawo ezishelelayo.*   Amatende ezigebengu anokuthula, +Nalabo abachukuluza uNkulunkulu baphephile, +Labo abaphethe onkulunkulu babo ngezandla.   Manje ngicela ubuze izilwane, zizokufundisa;Nezinyoni zamazulu, zizokutshela.   Noma bukisisa umhlaba,* uzokufundisa;Nezinhlanzi zolwandle zizokutshela iqiniso.   Yikuphi phakathi kwazo zonke lezi zinto okungaziUkuthi lokhu kwenziwe isandla sikaJehova? 10  Esandleni sakhe kukhona ukuphila kwazo zonke izinto eziphilayoNomoya* wabo bonke abantu. + 11  Indlebe ayiwavivinyi yini amazwiNgendlela ulimi* olunambitha ngayo ukudla? + 12  Akukho yini ukuhlakanipha kulabo asebebadala, +Ukuqonda akutholakali yini kulabo asebephile isikhathi eside? 13  Kuye, kukhona ukuhlakanipha namandla; +Uneseluleko nokuqonda. + 14  Lapho ediliza okuthile, ngeke kwakhiwe; +Akuvalile, ngeke kuvulwe muntu. 15  Lapho engayinisi imvula, konke kuyoma; + Lapho eyinisa, amanzi ayagcwala emhlabeni. + 16  Kuye kunamandla nokuhlakanipha; +Owenza iphutha nodukisayo bangabakhe; 17  Wenza abeluleki bahambe bengafake zicathulo,*Enze abahluleli babe iziphukuphuku. + 18  Uqaqa izibopho eziboshwe amakhosi, +Abophe ibhande ezinkalweni zawo. 19  Wenza abapristi bahambe bengafake zicathulo, +Aketule labo abanamandla amakhulu; + 20  Uphuca abeluleki abethenjwayo inkulumo,Asuse nokuqonda emaxhegwini;* 21  Uthobisa izicukuthwane, +Enze abanamandla babe buthaka;* 22  Wembula izinto ezijulile ebumnyameni, +Akhanyise izindawo ezimnyama bhuqe; 23  Wenza izizwe zibe namandla ukuze azibhubhise;Uyazandisa ukuze aziyise ekuthunjweni. 24  Ususa ukuqonda* kwabaholi babantuAbenze bazulazule ehlane elingenazindlela. + 25  Baphumputha ebumnyameni, + lapho kungenakukhanya khona;Ubenza bazulazule njengabantu abadakiwe. +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “yinina abantu.”
NgesiHebheru, “inhliziyo.”
Noma, “ezixegezelayo.”
Noma kungaba, “khuluma nomhlaba.”
Noma, “Nomoya ophefumulwayo.”
NgesiHebheru, “ulwanga.”
Noma, “bahlubule yonke into.”
Noma, “emadodeni amadala.”
NgesiHebheru, “Axegise ibhande labanamandla.”
NgesiHebheru, “inhliziyo.”